UNINA wezingane ezine ezabulawa ngumyeni wakhe akakasitholi isibindi sokubuyela emsebenzini wakhe wobuthishela njengoba engacabangi ukuthi uzokwazi ukubhekana nezingane.
Lokhu kuvezwe yisitatimende sikaNkk Xolisile Mpungose esifundwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesithathu ngaphambi kokugwetshwa kukaSibusiso "Sbu" Mpungose odilikajele abane ngokubulala izingane zakhe ezintathu neyodwa angayizali.
"Angikwazi ukubuka ezinye izingane ngaphandle kokucabanga ngezami. Okubuhlungu kakhulu ukuthi abasekho futhi ngeke baphinde babuye. Angeke ngiphinde ngikwazi ukukhuluma nabo, ngibathinte noma ngizwe amaphimbo abo, kanti namacebo ami ngabo ahambe nabo. Angisiboni isizathu sokuvuka ekuseni. Ngisesimweni esingenakuphela," kufunda uJaji Sharmaine Balton esitatimendeni sikaXolisile Mpungose.
USbusiso Mpungose ngeledlule uwavumile amacala okubulala uKuhlekonke (4), Khwezi (6), Siphesihle (10) kanye nendodakazi angayizali u-Ayakha Jiyane (16).
USIBUSISO Mpungose ugwetshwe odilikajele abane ngokubulala izingane zakhe. Isithombe: Zanele Zulu African News Agency (ANA)
Ngesikhathi evuma icala, uMpungose uthe waqasha itekisi ngoSepthemba 3 walanda abantwana bakhe abathathu ezikoleni zabo ngaphambi kokubayisa ekhaya labo eliseWyebank wabalengisa. Wabe eselanda u-Ayakha ngetekisi wamyisa ehlathini elisePadfield Park ePinetown lapho amklinya khona ngebhande le- gown. UMpungose wabe eseyothenga utshwala bokuphuza ngaphambi kokuzama ukuzibulala, kodwa amaphoyisa amthola ngaphambi kokwenza lokho.
Uthe isinqumo sakhe silandele esenkosikazi yakhe sokufaka isehlukaniso somshado kanti ubenesiqiniseko sokuthi umshiya ngoba esebuyelene noyise ka-Ayakha, uMnuz Vusi Jiyane.
"Kubukeka sengathi isigwebo osinikiwe asibanqandi abantu abafana nawe abangayihloniphi impilo yomuntu, angisayiphathi ke eyegazi lakho, ukholwa wukuthi ungahamba wenza izinto zobulwane ngenxa yezinsolo. Ngiyehluleka ukuqonda ukuthi yini enganika wena noma ubani omunye ilungelo lokwenza lokho," kusho uJaji Balton, ethinta kwesinye isigameko lapho ubaba agwetshwa khona udilikajele ngokubulala abantwana bakhe.
Uchaze isenzo sikaMpungose njenge "sinonya, nesihluku nesihlasimulisayo".
USbusiso Mpungose ngeledlule uwavumile amacala okubulala uKuhlekonke (4), Khwezi (6), Siphesihle (10) kanye nendodakazi angayizali u-Ayakha Jiyane (16).
Ijaji lithe kufanele asuswe emphakathini ukuze ajeziswe ngesenzo sakhe kuphinde kuxwayiswe nabanye abantu abacabanga njengaye.
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo umzala kaXolisile uMnuz Mthobisi Mlaba, uthe uMpungose akakhombisanga ukuzisola ngesenzo sakhe noma exolisile kunkosikazi wakhe nasemndenini. UXolisile ubengekho enkantolo.
Ngemuva kokugwetshwa uMpungose usho okuthile kubantu abebesenkantolo. UMlaba uthe ubathukile.
"USbusiso akazisoli umzwile esithuka. Isigwebo ngeke sizibuyise izingane, kodwa sithola ukududuzeka ekwazini ukuthi uzogqunywa ejele isikhathi eside," kusho yena.