UMHOLI wamaNazaretha aseBuhleni, uMnuz Mduduzi “uNyazilwezulu” Shembe, utshele amakholwa aleli bandla ukuthi akanendaba nokuboshwa. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zamaNazaretha abenomkhuleko esigodlweni seSilo KwaKhangelamankengane, KwaNongoma, ngempelasonto.
UNyazilwezulu lusebenzise le nkonzo ukuqinisa idolo abalandeli balo njengoba lwalahlwa yicala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi samaNazaretha.
Lugcizelele ukuthi alunendaba nokuboshwa ngoba kuzobe kungaqali ngalo ukuthi kube noShembe oboshwayo.
“Mina noma ungangibopha anginendaba. Kuyobe kungaqali ngami ukuba kuboshwe uShembe,” kusho uNyazi.
Lo mholi usongelwa ngokuboshwa abohlangothi lwaseThembezinhle abanqoba icala lombango. Kuthiwa bafuna luboshwe ngokungafuni kwalo ukuphuma eBuhleni ngoba “ludelela iNkantolo yoMthethosisekelo”.
Kuthiwa seluke lwabhalelwa incwadi ngabameli belucela ukuba lusuke esihlalweni futhi luphume eBuhleni, kepha lwenqaba.
UNyazi luchaza ngenhloso yomkhuleko obungempelasonto, luthe luzokhulekela ukuthula, ukuhloniphana nokuzwana kumazinyane kaMdlokombane.
Kusenjalo, iSilo uMisuzulu kaZwelithini sicelele iNdlunkulu ukuba ibekezelelwe njengoba isadonsisana ngesihlalo sobukhosi bukaZulu.
ISilo sithe lo mdonsiswano uyinto ejwayelekile emndenini uma kudlule inhloko yekhaya, sathembisa ukuthi lesi simo sizodlula.
Sikusho lokhu ngesikhathi sikhuluma nezinkumbi zamalungu ebandla lamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni.
ISilo sibonge amalungu aleli bandla ngokweseka iNdlunkulu ngesikhathi kukhothama iNgonyama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu nangesikhathi kuguqa iNdlovukazi ebibambe ubukhosi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
Emva kokukhothama kwabo, kuqubuke umdonsiswano ngesihlalo sobukhosi njengoba kukhona abafuna lesi sihlalo sithathwe ngelinye lamazinyane kaMdlokombane, uMntwana uSimakade Zulu.
ISilo sithe ukuguqa ngokulandelana kwabo kudale ukudideka eNdlunkulu.
“Siyakhuleka ukuba bakwethu niyibekezelele iNdlunkulu. Lokhu okusehlele kulo nyaka kuyehla nakweminye imindeni, futhi uma kwehla kuyaye kube nokudideka emndenini, kube nokushayisana nokungaboni ngaso linye. Nathi singabantu njengani, nina beSilo,” kusho iSilo uMisuzulu.
ISilo sithe akubanga lula nakusona ukuba sithathe izihlangu zikaMdlokombane, obese ehlale esihlalweni sobukhosi iminyaka ecela ku-50.
“Yinto ebinzima kakhulu ukuthi ijwayeleke noma yamukeleke. Ngangibuka nje ukuthi ngizongena kanjani kulo sayizi-50 ekubeni mina ngiwusayizi-5?”
ISilo noNyazilwezulu bahlole isibaya esakhiwe esigodlweni, nokuyiso okuzogcotshelwa kuso iSilo. Alukaphumi usuku okuzogcotshwa ngalo iSilo.