UMNDENI wakwaShozi eNgonyameni ngaseMlaza, ucela uNgqongqoshe wamaPhoyisa angenelele ecaleni lokubulawa kwendodakazi yawo.
UMnuz Nkanyiso Shozi onguyise kaNksz Malondi Shozi (23), owabulawa ngoJuni nyakenye edutshulwa esendleleni eyobona isoka lakhe eMlaza, uthi abusehli ubuthongo ngokudutshulwa kwendodakazi yakhe njengoba kuze kube yimanje kungakaze kuboshwe muntu.
UNksz Shozi wadutshulwa amahlandla amahlanu esifubeni.
UShozi uthe akafuni ukwehlelwa okwenzeka kuMnuz Sam Meyisa, onguyise kanozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa owashona engalitholanga iqiniso ngokwenzeka ngobusuku okwabulawa ngabo indodana yakhe njengoba naye aze
ashona bengakaze baboshwe ababulali.
“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi sekuzoze kuphele unyaka kungakaboshwa muntu ngokushona kwendodakazi yami. Indodakazi yami yabulawa ngesihluku idutshulwa amahlandla amahlanu esifubeni, bengicela abangaba nolwazi ngokwenzeka beze ngaphambili.”
UShozi uchaze indodakazi yakhe njengengane eyayihlonipha futhi engakaze ibahluphe bengabazali bayo.
“Kuyangithusa ukubulawa kwakhe ngale ndlela enesihluku esingaka nemoto ayehamba ngayo yangathathwa, okungenza ngicabange ukuthi yinkulu imbangela yokubulawa kwendodakazi yami,” kusho uShozi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe icala lokubulawa kwalo wesifazane lavulwa esiteshini samaphoyisa eSiphingo.
“Ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa, angathinta amaphoyisa aseduze,” kusho uCol Mbele.