IPHINI likaMengameli we-ANC, uMnuz David “DD” Mabuza, lithe alizange lidayise muntu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bale nhlangano eyayiseNasrec kodwa lona lalishumayela ivangeli lobumbano.
UMabuza uthe ukube izithunywa ze-ANC azizange zivote ngendlela ezavota ngayo engqungqutheleni yaseNasrec ngabe le nhlangano iyaxhugela noma isishabalele.
Izolo izintatheli zibuze uMabuza ukuthi ngabe uzokwazi yini ukugququzela abantu ukuthi bavotele i-ANC esifundeni iMoses Mabhida esasithathwa njengesiseka uDkt Nkosaza Dlamini-Zuma, okuthiwa wadayiswa wuMabuza eNasrec.
UMabuza uthe yena uwumuntu oshumayela ubumbano kumaqabane e-ANC ngakho akazange adayise muntu eNasrec.
“Mina ngangishumayela ivangeli lobumbano, ngangizokwazi kanjani ukuthi izithunywa ezingaphezu
kuka- 5 000 zizovotela bani? Sonke sasingazi ukuthi abantu bazovota kanjani kodwa samukela imiphumela eyaphuma emuva kokhetho. Leya miphumela isigqugquzela ukuthi sibumbane,” kusho uMabuza. Uthe ngaphambi kwengqungquthela yaseNasrec wayezitshela ukuthi i-ANC izophela kodwa imiphumela yokhetho yakhombisa ukuthi isazoba khona.
Ucele amalungu e-ANC ukuthi abe munye futhi asebenzele abantu ukuze i-ANC iqhubeke nokuphatha.
UMabuza uhambele eHowick, Mpophomeni nakwezinye izindawo zesifunda iMoses Mabhida. Ubehambisana noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uNkk Naledi Pandor, iPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhulu, nabanye abaholi be-ANC.
Abantu bakhale ngokuswela umsebenzi, izikhungo zemfundo ephakeme, amanzi, izindlu nangokuthuthwa kwendle.
UMabuza uthe zizosukunyelwa izikhalo zabantu futhi neMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Sizwe Sokhela, ithe kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo, kuthuthukiswe ingqalasizinda, kulethwe namanzi. Ithe uMasipala waseMngeni ukweletwa uR73 million ngogesi owebiwayo nongakhokhelwa.
UMabuza noPandor bathembise ukuthi bazofundisa izingane ezidinga ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Ngicela wonke amaqabane asebenzele i-ANC angajahi izikhundla. Asishiye i-ANC ephilayo ezinganeni zethu. Uma kunomuntu oswele okuthile kufanele simsize,” kusho uMabuza. Uthe uzobuyela eMpophomeni ngoFebhuwari nohlelo lokudala amathuba omsebenzi.