UMNUZ "Jub Jub" Molemo Maarohanye osanda kudedelwa ejele UMNUZ "Jub Jub" Molemo Maarohanye osanda kudedelwa ejele
YIZE eminye imindeni eyashonelwa yizingane ngesikhathi uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala bedlala umdlalo wokushaya izidudla ngezimoto zabo bethi sebebaxolelile kodwa udadewabo womunye wabashona uthi kuyena kusenzima ukwamukela uxolo. Uthi kumdumazile ngisho ukukhululwa kukaMaarohanye ejele.
UMaarohanye udedelwe ngoshwele emva kokuba edonse iminyaka emine ngecala lokubulala ngokungenhloso.
Benomngane wakhe uTshabalala batholakala benamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, ukusebenzisa izidakamizwa, ukushayela bephuzile nokugijima ngesivinini eseqile emigwaqweni yomphakathi.
Kulesi sehlakalo kwashona abafundi abane eSoweto ngoMashi 8, 2010. Ababili kulabo abashayiseka ngenkathi kwenzeka lesi sehlakalo, bagcina bekhubazeke engqondweni unomphela.
“Iminyaka emine mincane kakhulu. Angeneme ngokukhululwa koJub Jub noTshabalala. Ngiphoxekile ngendlela umthetho waleli lizwe osebenza ngayo ngenxa yokuthi abazali abaningi bezingane ezashona abazange baneliseke ngesigwebo seminyaka engu-20 abanikezwa sona,” kusho udadewabo kaPhomelelo Masemola owashona kulesi sehlakalo.
Izolo kuvele izindaba zokuthi uJub Jub ubhale ingoma ngesikhathi esengaphakathi ejele ahlose ngayo ukuxolisa kule mindeni.
Kuthiwa usizwe yinkakha kwezomculo uTsepho Tsola ukuhlanganisa le ngoma okuthi isiqalile ukuzwakala kweminye imisakazo.
Ngesikhathi uJub Jub esaboshiwe, iziteshi eziningi bezingazidlali izingoma zakhe.