KUZOVUNDULULWA amanye amacala angahle abhekane nosolwa ngokubulala intombi yakhe ezindlini zabafundi eMangosuthu University of Technology (MUT), uSthembele Zolile Khumalo (21).
Umsolwa uMnuz Thabani Mzolo (23) ubevele eNkantolo yeMantshi eThekwini, icala lahlehliselwa uMeyi 17 ukuze kuzoqinisekiswa amakheli alapho ehlala khona. Kungenzeka afake nesicelo sebheyili ngalelo langa.
Iphini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bongani Mkongi uthe liqinile icala elibhekene nomsolwa futhi bavundulula amanye amacala angahle abhekane nomsolwa.
“Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka njengoba kungenzeka sivundulule amanye amacala. Izithombe ezivezwe ezinkundleni zokuxhumana ephethe izibhamu ezinkulu sizibonile, sizophenya ukuthi lezo zibhamu wayezithathephi futhi ubezisebenzisa kephi. Sizokhuculula konke ngoba kuyasicacela ukuthi kuningi obekwenziwa umsolwa. Kumanje buqinile ubufakazi esinabo ngaleli cala lokubulala abhekene nalo kulenkantolo. Nesibhamu okusolwa ukuthi wasisebenzisa sengathi kucinywe izinombolo zaso, sizohlolwa ukuthi asikaze yini sisetshenziswe kwamanye amacala,” kusho uMkongi.
Umsolwa kuvele enkantolo ukuthi sewake waba nelinye icala lokushaya ngaphambilini.
Umbuso uveze ukuthi akucaci ukuthi umsolwa ngabe uyahlala yini kumakhelo amabili eliseMhlanga nase-Estcourt, awanike amaphoyisa.
Ummeli wakhe, uMnuz Charl Claassen uthe usazokhuluma nomsolwa ngendaba yekheli lakhe eliqondile.
UNksz Bathabile Dlamini uNgqongqoshe ehhovisi likaMongameli, obhekelele ezabesiFazane uthe badumele kakhulu ngalesi sihlava esiqhubekayo sokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Amadoda kumele afunde ukwamukela ukuthi uma ubudlwelwane sebuphelile phakathi kowesilisa nowesifazane kumele kuhlukwane, omunye abheke lena nomunye abhekene ngalena. Akekho umuntu okumele ahlukunyezwe noma abulawe ngoba engasakuthandi,” kusho uNksz Dlamini.
UNGQONGQOSHE obhekelele ezabesiFazane ehhovisi likaMengameli uNkk Bathabile Dlamini ekhuluma neSolezwe ngodaba lokubulawa komfundi waseMUT. Video: MCEBO MPUNGOSE
Uthe kumnyango wakhe bazokwenza konke okusemandleni abo ukuba kuphase umthetho wokuba amacala aloluhlobo athole izigwebo ezinzima ezinkantolo ukuze abantu bezoyeka ukuhlukumeza abesifazane.
UNkk Thembeni Mthethwa, usihlalo we-IFPWB uthe abahambisani nakancane nokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Sihambisana nabesilisa bethu be-IFP abazoseseka ngokuthi amadoda awangasibulali singabesifazane. Kumanje siqalile uhlelo lwethu oluzolwisana nalokhu, sizobe simasha sihambela nezindawo eziningi sixwayisa abesifazane ukuba benze njani uma behlukunyezwa,”kusho uNkk Mthethwa.
Abafundi, abamaqembu ahlukene ezepolitiki bebegcwele ngaphandle kwenkantolo bebhikisha, befuna umsolwa angayitholi ibheyili. Umndeni kamufi ubukhona eNkantolo, yize ufike sekudlule icala.
UNkk Mabongi Myeni ongudadewabo kaZolile uthe okubaqinisayo njengomndeni kulesi sikhathi esinzima, umkhuleko nokuthemba uNkulunkulu.
Izolo kube nenkonzo yesikhumbuzo sikaZolile eMUT kanti uzofihlwa eShowe ngoMgqibelo.
Khonamanjelo izolo i-IFPYB ihambele umndeni kaZolile eShowe, iyokhalisana nomndeni ngesigameko.
Udadewabo omdala kaZolile Khumalo ukhulume nabafundi ebabonga ngokubeseka kulesi sikhathi esinzima kuze kube uyafihlwa. “Kukho konke sifisa nje ukuthi kwenziwe ubulungiswa,” kusho yena. #ZolileKhumalo pic.twitter.com/JdhrEliU6S
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) May 10, 2018