I-ANC ihlela ukwakha imisebenzi engu-275 000 ngokutshala imali kwezolimo, izimayini nasemikhiqizweni.
Lokhu ngezinye zezinto eziqukethwe emqulwini wokukhansela ukhetho we-ANC owethulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ezinkundleni zemidlalo eMoses Mabhida eThekwini.
URamaphosa uthe bazokwandisa isibalo sabantu abasha abathola ukuqeqeshwa.
"Sizotshala imali kwi-minimum wage ukuze kuthuthukiswe impilo yabasebenzi abangu-6 million. Sizofuna kutshalwe nemali engu-R1.2 trillion eminyakeni emine ukuze umnotho uthuthuke," kusho uRamaphosa.
Uthe bazokwakha nesikhwama sengqalasizinda ukuze kulungiswe imigwaqo, izibhedlela, izikole, amadamu nenye ingqalasizinda.
Uqhube wathi lokhu kuzokhulisa umnotho wezwe.
URamaphosa uthe bayawususa nomgomo ofuna isipiliyoni kubantu abasha abangna emsebenzini eminyangweni kahulumeni.
UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa othembise ukwandisa amathuba omsebenzi ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eMoses Mabhida. Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)
"Indaba yesipiliyoni iphuca abant abasha imisebenzi. Sifuna ne-minimum wage okuyiholo eliphilisayo ukuthi yenabele nakulabo absebenza ezindlini.
URamaphosa ukhale kakhulu ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal wancoma umsebenzi osuwenziwe amaphoyisa ukubopha labo abasuke bethinteka.
"Uhulumeni ubumbe ithimba longqongqoshe elibhekene nendaba yokubulawa kosopolitiki. Mkhulu umsebenzi owenziwe ngoba sesehlile nesibalo sababulawayo. Sifuna bashushiswe abenza lokhu ngaphandle kokwesaba kwezinhlaka zokusushisa. Umthetho awuthathe indawo yawo kwabathintekayo."
NoNobhala wamaKhomanisi uDkt Blade Nzimande uzwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwabaholi kulesi sifundazwe.
"Bayabulawa abaholi kulesi sifundazwe. Abantu basuke bebulawa ngoba kukhona absuke befuna ukuhla kwizinsiza," kusho uNzimande.
Ubongele umatric wango-2018 wathi unyuse izinga lokuphasa lafinyelela ku-78.2%.
Uthe izikole ezikuQuintile 1 kuya ku-3 yizona ezinesibalo esikhulu sabafundi abaphase ngamaBachelor.
Uqhube wathi bazoqhubeka bavule amathuba ezindawo zokuhlala izitshudeni ezikhungweni zemfundo.
Kwezempilo uthe izikhala ezingu-5 000 zizovalwa kule nyanga.
"Sizovuselela inhlangano sibhekane nezinkinga ezibhekene nomphakathi. Sizosebenza kanzima ukuze i-ANC iwine ukhetho."
Uthe bazogxila ekulweni nezidakamizwa nezinto ezihlupha imiphakathi.
"Kumele kube nemikhankaso yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, izingane kanjalo nabaphila nokukhubazeka. Sizobumba isizwe ukuze abantu bezinhlanga ezehlukene babumbane silwe nezehlakalo zokucwasa."
Unxuse abantu ukuthi bathumeke basebenzela umphakathi.