KUCHWAZE izihlwele kungena owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma emcimbini wokugubha iminyaka ewu-107 i-African National Congress yasungulwa osenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.
UZuma utheleke edlubhe ezombutho wakhe uKhongolose wakhumula ikepisi abelifakile ehamba ebingelela abantu emamatheka. Zisukuma zama ngezinyawo izihlwele zimemeza ziphakamisa izandla kucaca nje ukuthi zifisa ukumthinta kodwa ezokuphepha ziqinile.
Ugibele esiteji washaya adume ngazo edansa namalungu oMkhonto Wesizwe abecula ezomzabalazo edansa aze akhase phansi. UZuma uze wahlala phansi ilokhu iphezulu inhlokomo enkundleni ebigcwele ivale ngomuntu.
Kunyakaze inkundla yonke sekutheleka owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma eMoses Mabhida. @IOL @DailyNewsSA @SundayTribuneSA @TheMercurySA #ANCManifesto pic.twitter.com/vYd2gXu0LY
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) January 12, 2019
Bekucaca ukuthi amaphoyisa athwele kanzima njengoba abantu bebelokhu bengenile enkundleni ikakhulukazi intsha ebingena ngomdanso njengoba nengoma ibisha.
Owayengumsakazi woKhozi FM uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya ehambisana nomlingisi weSiybaya uNomzamo Mbatha bebephethe uhlelo behlanyisa izihlwele.
Phakathi kwamaciko abenandisa kubalwa uHlenhiwe Mhlaba, umrepha uZola 7 wodumo lwengoma UMdlwembe kanye neGcokoma Elisha elingene lashaya ingoma kwasukuma inqwaba phambi kwalo kwachazeka nezikhulu ze-ANC.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi uMengameli Ramaphosa ethule umhlahlandlela wokhetho.