UMENGAMELI Jacob Zuma usegxeke labo abayisa i-ANC enkantolo uma bengeneme.
Uthe lokhu kuzokwenza kube nzima ukulawula inhlangano ngomuso.
UZuma okhulume amahora amabili evula ingqungquthela yokukhetha ubuholi eNasrec, eGoli, izolo uthe kumele kubuyelwe esinqumeni esathathwa sokuthi labo abayisa inhlangano ezinkantolo bathathwe njengabantu asebezixoshile.
“Kumele kuphele ukuyiswa kwenhlangano ezinkantolo ngabangeneme. Amalungu e-ANC kumele asebenzise izinhlelo zangaphakathi uma enezinkinga. Amajaji akumele anqumele i-ANC ukuthi ikuphi okumele ikwenze,” kusho uZuma.
Usho lokhu nje ngoLwesihlanu inkantolo yaseMgungundlovu inqume ukuhambisana nesinqumo esakhishwa enkantolo ngoSepthemba sokuthi ubuholi obachithwa besifundazwe buphume ehhovisi. Inkantolo yaseFree State inqume ukuthi ithathwe njengento engekho ingqungquthela yesifundazwe yakamuva, kwathi eNorth West inkantolo yachitha ingqungquthela yesifunda iBojanala kule ndawo.
“Sikhona isinqumo esathathwa, kumele sibuyele kusona. Ubuholi baba neqhaza ekutheni lesi sinqumo singalandelwa. Kumele sibuyele kusona, uma ubuholi bungasilandeli kwabona buthathelwe izinyathelo ezinqala,” kusho uZuma kwaduma ihlombe.
Uthe i-ANC kumele iphume nesu kule nkinga ukuze ingalahlekelwa ukwethenjwa.
UZuma ugxeke namalungu enhlangano asebenzisana noma avota namaqembu aphikisayo noma le nhlangano isikhiphe umyalelo.
Ubalule nokuthi i-ANC ineminyaka engu-105 yabakhona ngakho iyakwazi ukubhekana nezinto ezithinta ukuphakanyiselwa kwabaholi ezikhundleni eziphezulu.
“Kuqopheke umlando abaholi abayisikhombisa bengenela umbango wokuhola le nhlangano. Lokhu kwenzeka kuphela kwi-ANC, ungakhetha noma ngubani kulaba abangu-7, uzobe unomengameli oqotho. Asinaso isimo esifana namakhosi, amagatsha ayazikhethela. Uyedwa ozokhethelwa ukuba ngumengameli kulaba abayisikhombisa,” kusho uZuma.
Unxuse labo abazohlulwa ukuthi baseke labo abazowina.
“Ngizobuyela lapho ngiphuma khona, ngilandele ngemuva ngilalele ozongihola. Uma ukwazi ukuphatha kumele uvumele ukuphathwa.”
Uthe inhlangano itshengisa ukuthi inenqwaba yabaholi abazophatha.
“Kwi-ANC sinenqwaba yabaholi, baningi ngozukwa. Ngaba nengxoxo eyakhayo nalaba baholi abayisikhombisa esidlweni esaziwa nge-Last Supper. Ngibazi kahle bonke, balungile, savumelana ngemigomo ye-ANC. Ngime la nje ngilindele noma ngubani ozowina engizombiza ngomengameli,” kusho uZuma.
Ubalule nokuthelwa ngehlazo kwakhe emgubheni weCosatu woSuku lwaBasebenzi lapho abhikishelwa wangakwazi ukukhuluma kulo mgubho.
“Yizinto okumele sibhunge ngazo lezi. Ngavalwa ukukhuluma emgubheni weCosatu ne-SACP. I-SACP ize yangenela ukhetho iyodwana, lezi zinto kumele sizixoxe.”
Unxuse nobuholi bomakadebona benhlangano ukuthi bakhe inhlangano kungabi ibona abazoba yizinkinga zenhlangano.
Uthe abantu bakhathele ukuthi i-ANC ilwa yodwa ekubeni bebhuqwa yindlala, bengasebenzi.
“Kumele kuphele ukulwa sodwa, sibhekane nezinkinga zomphakathi. Abantu bayakhala ngokuthi inkohlakalo siyayigqiba okuyinto okumele siyiqede.”
Uthe abafundi abangu-9 million bafunda mahhala, wathi izimpesheni zizokhokhwa yiposi.
“Kukhona isikhathi lapho ngazi khona ukuthi ngisho izinto eningazithandi. Angibambe gqubu, ningamaqabane bami anginanxa nani,” kusho uZuma kwaduma ihlombe.
Kudume ihlombe eqala inkulumo ebingelela iphini lakhe, uMnuz Cyril Ramaphosa.