ABEBEKHANKASELA uSihlalo kaZwelonke we-ANC obengomunye walabo ebebegaqele isikhundla sokuba uMengameli, uNkk Baleka Mbete, sebeveze ukuthi sebeziqhelelanisile naye ngemuva kokuthi esememezele ukuthi usejoyine uhlangothi lukaMnuz Cyril Ramaphosa naye osibheke ngabomvu esokuba ngumengameli we-ANC.
Isolezwe likhulume nomunye obekhankasela uMbete kodwa ongathandanga ukuthi lidalulwe igama lakhe okhale ngokuthi uMbete udlale ngabo njengoba engabatshelanga ukuthi usejoyine uRamaphosa.
"Bekumele asitshele ngoba sesichithe esiningi isikhathi sikhankasela yena, iningi nemali esilahlekele, lento ayenzile iwubuxoki bekungamele ayenze, wonke amaqabane abesebenzisana naye athukuthele."
.
Ekhuluma ngemuva kokuguqa kwengqungquthela eNsrec eGoli izolo ebusuku ngemuva kwezinkinga ngendaba yama-credentials enhlangano, uNksz Mbete uthe ukhethe uRamaphosa ngoba basebenze ndawonye isikhathi eside
"Sixoxile ngezinkinga ezibhekene nenhlangano savumelana ngazo. Angikaze ngibe nengxoxo ende noDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengoba ngibenayo noRamaphosa," kusho uNksz Mbete.
Uthe asibanga naso isikhathi sokuxoxa noDkt Dlamini Zuma.
"Njengoba sila singamalungu ngokuhlukana e-ANC. Sizosebenza nawo wonke umuntu naye uDkt Dlamini Zuma," kusho uNksz Mbete.
Ubephendula umbuzo wezintatheli ezibuze ukuthi akasabi yini ukuthi uzogxekwa ngokuthi akaseki umuntu wesifazane ukuthi athathe izintambo zokuhola i-ANC.
Uthe uyahoxa emkhankasweni wakhe wokungenela isikhundla sokuhola i-ANC.
"Ubumbano lubalulekile, akumele sikhulume ngobumbano olungasho lutho. Udaba lwama-credentials luyalungiswa yingakho sinqume ukuthi ingqungquthela iguqe," kusho uNksz Mbete.