Izindaba

Amehlo athe-njo ku-Ayanda Ntanzi

Charles Khuzwayo|Published

UBHEKWE ngamehlo abomvu umcimbi ka-Ayanda Ntanzi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini Isithombe: FACEBOOK

Image: SIGCINIWE

WONKE amehlo asethe njo emlandweni ozoqopheka kwi-Ayanda Ntanzi One Man Show eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoJulayi 12. Amathikithi aseqalile ukuthengwa ubuthaphuthaphu okwamagwinya ashisayo ebhakawozi ezitolo ezidayisa amathikithi.

U-Ayanda uthembisa lukhulu kwabazohambela le ngqophamlando. Uthe ufuna ukuqopha umlando ngokuba wumculi wokuqala wokholo ukugcwalisa phama le nkundla. "Lo mlando akusiwo owami kodwa owabaculi bonke abacula owokholo njengoMbuso kaNkulunkulu." Uthe abantu abazitshela ukuthi uzophinda izingoma abezicula nyakenye bashaye phansi ngoba uzobe eqhulula amanoni amasha. Ezingomeni okufanele zilindelwe yizithameli kukhona nethi Wangifela Wangihlenga.

Kuzokhunjulwa ukuthi u-Ayanda wagila izimanga e-ICC eThekwini, lapho ama esiteji amahora amane ejabulisa abalandeli bakhe ngezingoma ezehlukene.

“Ngikubheke ngabomvu ukuthi ngihlangane nabalandeli abaphuma ezindaweni ezehlukene njengoba ngifuna ukuzojabula nabo ngalolu suku. Umcimbi lona engiwenza ngenhloso yokuhlangana nabo, sijabulele izingoma zami ezindala nezintsha futhi ngiyobe ngiqopha i-albhamu yami yesihlanu. Kodwa ngibheke phambili ukuthi babone nezinye izinto, ngiyawuthanda umcimbi oseqophelweni eliphezulu, isiteji sami nje sisodwa siyobe sixoxa indaba,” kuchaza yena. Uthe amathikithi ayatholakala eWebticket kusuka ku-R250, R350 no-R1000.

*Ukuzibeka ethubeni lokuziwinela amathikithi okuba yingxenye yale ndumezulo yomcimbi. Thumela igama elithi "ISOAYANDA" ku-33258, i-SMS ibiza R1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa ngoMsombuluko, 30 Juni,  ngo-8 ekuseni.