ASEQALILE ukuphefumulo amaqembu ezepoliti ngombiko weKhomishini ePhenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Ingxenye yokuqala yombiko yamukelwe nguMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ezindlini zombuso ePitoli ngoLwesibili kwiNhloko yamaJaji ebambile eNkantolo yoMthethosisekelo, ijaji uRaymond Zondo nobenguSihlalo wale Khomishini ephenya ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Okhulumela i-EFF, uMnuz Vuyani Pambo uthe kuyishwa ukuthi iKhomishini ethathe isikhathi eside kangaka, yadla imali yabakhokhi bentela elinganiselwa kuR2 billion kepha yenza izincomo zokuthi “akuqhubeke uphenyo uma kunesidingo sokushushisa”.
UPambo uthe i-EFF iwubona njengokwehluleka kukaZondo lo mbiko osakhishiwe.
“Umbiko wakhe uzolala izintuli futhi ngeke uholele ekutheni kube khona umuntu oshushiswayo. Njengekhomishini yezomthetho, ibinamandla alingana nawenkantolo ephakeme. Izinga layo lokwenza umsebenzi ebiwunikiwe bekufanele lingabi ngaphansi kwalelo lenkantolo ephakeme. Sekuyiso isikhathi lesi sokuthi iNingizimu Afrika yamukele ukuthi i-ANC, ngeke isalungiseka. Kunalokho le nhlangano kufanele ilahlwe emgqonyeni kadoti emlandweni uma iNingizimu Afrika, izimisele ngokulwa nenkohlakalo,” kusho uPambo.
Uthe bakubheke ngabomvu ukwethulwa kwengxenye yombiko esele. Wathi bafuna ukubona ukuthi umboki uzothini ngoRamaphosa.
“Lokhu ngoba siyakholelwa ekutheni uZondo usemkhankasweni wokuba yiNhloko yamaJaji ngokugcwele. Siyasola ukuthi uZondo uncethezela uRamaphosa ukuze amenze inhloko yamaJaji,” kuqhuba uPambo.
Uphethe ngokuthi i-EFF ngeke ikuvumele ukuthi ikhomishini eyasungulelwa ukulwela abantu, iphenduke inkundla yezokuqashana phakathi kukaRamaphosa noZondo.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen uthe njengoba umbiko usukhishiwe, sekuyisikhathi sokuthi izwe liqale umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi abachaphazelekayo babhekana nengalo yomthetho.
“Phambilini, iNingizimu Africa ibone inqwaba yamakhomishini ehlala kodwa ekugcineni umsebenzi wawo ungenzi mehluko. I-DA izolandelela ukuthi zonke izincomo ezibekwe yikhomishini ziyenziwa,” kusho uMnuz Steenhuisen.
Uthe sebeqalile ukufunda umbiko ngenhloso yokubheka ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe uthe namanje i-ANC isamile emagameni ayo okuthi ikhomishini ibifanele ukuthi ibe khona ngoba ingeminye yemizamo yokuqeda ukulawulwa kombuso yidlanzana nenkohlakalo.
“I-ANC izomeseka uhulumeni ngesikhathi ebhekisisa izincomo zeKhomishini nokuthi lulungiswa kanjani udaba lokubuyisela ubuholi obuqotho, nokuthathwa kwezinqumo ezinqala ekulweni nenkohlakalo engaphakathi kuhulumeni,” kusho uMabe.
Uqhube wathi banxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba bawufunde umbiko ukuze babeyinxenye yokuqinisekisa ukuthi udaba lokulawulwa kombuso yidlanzana yinto yayizolo, kwakhiwe uhulumeni othembekile.