Izindaba

Amazwi enduduzo kudlula izingane zesikole engozini yebhasi

Thakasani Khumalo|Published

IBhasi ebelisuka esikoleni iMchitheki High School, KwaNongoma okubikwa ukuthi liginqike kwashona abafundi abayisithupha. Isithombe: THAKASANI KHUMALO

UNGQOGQOSHE wezeMfundo Kwazulu Natal, uNkk Mbali Frazer, usedlulise amazwi enduduzo emindenini yabafundi abayisithupha basesikoleni esiKwaNongoma, iMthicheki High School ngemuva kokuthi bedlule emhlabeni engozini yebhasi.

Ngokwemibiko, lengozi enyantisa igazi yenzeke esiqiwini iHluhluwe Game Reserve, KwaHlabisa, ngesikhathi lesi sikole silibangise eThekwini ukuyofunda.

UFrazer uthe njengomnyango bazwelana nemindeni, abangani nabobonke abathintekayo kulesi sehlakalo.

“Kulesi sikhathi esinzima sithi asidlulise amazwi enduduzo, emindenini, izihlobo kanye nakubangani abalahlekelwe ngabathandiweyo, siphinde sifisele abalimele ukululama okusheshayo,” kusho uFrazer.

IBhasi ebelisuka esikoleni iMchitheki High School, KwaNongoma okubikwa ukuthi liginqike kwashona abafundi abayisithupha. Isithombe: THAKASANI KHUMALO