AMAZULU awayizwa eyokuphuma kwiTop 8 njengoba esephumele obala ngokuthi afuna sibuyekezwe isinqumo seSouth African Football Association (Safa) esidale ukuthi ehlela endaweni yesishiyagalolunye.
Usuthu luqede endaweni yesishiyagalombili kwi-log ye-Absa Premiership ngemuva kwemidlalo engu-30. Ngesizini ezayo, Usuthu bekumele lutholane phezulu neMamelodi Sundowns ePitoli emdlalweni we-quarterfinal weMTN 8.
Iqembu ngalinye lithola * -R800 000 ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano kanti ompetha bahlomula ngo-R8 million.
Ngemuva kokukhishwa kwesinqumo sokuthi i-Ajax Cape Town izophucwa wonke amaphuzu eyawathola kudlala uTendai Ndoro bese enikwa amaqembu ebidlala nawo, Usuthu luzithole lusenkingeni yokuphuma kwiTop 8. ISuperSport United iyona esithathe indawo yoSuthu.
I-Urban Warriors iphucwe amaphuzu angu-10 ewathole kudlala uNdoro. Lo mgadli odabuka eZimbabwe ulahlwe yicala lokwephula imithetho yeFifa yokudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.
Ngesizini ka-2017/2018, uNdoro udlalele i-Orlando Pirates, i-Al Faisaly yaseSaudi Arabia ne-Ajax.
Imithetho yeFifa ithi umdlali angabhaliswa emaqenjini amathathu amaligi akhona aqala ngesikhathi esisodwa kodwa akavunyelwe ukuwadlalela womathathu la maqembu ngesizini eyodwa.
UQedi Dlamini oyimenenja yaMaZulu utshele Isolezwe ukuthi bazoyilwa indaba yokuphuma kwiTop 8.
“Sizolwa nesinqumo sokukhishwa kwiTop 8. Besingeyona ingxenye yodaba lwe-Ajax Cape Town (noTendai Ndoro). Wonke amaphuzu esiwatholile siwalwele enkundleni. Ngicabanga ukuthi ikhona enye indlela obekungalungiswa ngayo lolu daba ngaphandle kokuthi siphume kwiTop 8. Ithimba lethu labameli lizolubhekisisa kahle udaba,” kusho uDlamini.
Usuthu beluzothola * -R1 million ngokuqeda endaweni yesishiyagalombili kodwa njengamanje seluzothola * -R750 000. Phezu kwalokho luzophuthwa * -R800 000 wokudlala kwiMTN 8. Isiyonke le mali ngu-R1,2 million kanti ukube beluzomangaza abantu lunqobe indebe beluzothola * -R8 million.
ISuperSport ibiqede endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-16. Amatsatsantsa afaka isimangalo ngoFebhuwari 28 ngesikhathi ebhekene ne-Ajax eyabashaya ngo 2-0.
I-Ajax ayanelisekanga ngesinqumo somehluleli ngemuva kwalokho yalidlulisela enkantolo ephakeme eGauteng icala. Ukulalelwa kwesicelo se-Urban Warriors sokuthi imidlalo yokuhlunga imiswe kuhlehliselwe usuku lwakusasa.
Izolo, igcine iqalile imidlalo yokuhlunga. I-Black Leopards ithele othulini iPlatinum Stars ngo 1-0 emdlalweni wokuqala izolo ntambama eThohoyandou Stadium.
Umdlalo wesibili kufanele ube ngeSonto kodwa kuzoncika esinqumweni senkantolo kusasa. NgeSonto ngo-3 ntambama kumele kudlale iJomo Cosmos neLeopards.