Izindaba

Amatshitshi abhikishele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Charles Khuzwayo|Published

IZINTOMBI zaKwaXimba nonomehlo bamashele ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane

Image: SITHUNYELWE

IZINTOMBI ZaKwaXimba  eNumber 9 zigubhe uSuku lweNkululeko ngokumashela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane emigwaqweni yakule ndawo.

Ngaphambi kokugcwala imigwaqo izintombi ziqale zakhempa ubusuku bonke ehholo lomphakathi lapho bezikhuthazwa futhi ziqwashiswa ngezihlava ezihlukahlukene ngongoti bemikhakha ehlukene.

Omunye unomehlo waKwaXimba, uNkk Sthembile MaNgubane Ndlovu, uthe bahlanganise izintombi nto ngenhloso yokuba zihlonyiswe ngolwazi futhi zixwayiswe ngezinto eziyingozi ezihlukumeza abantu besifazane kulezi zinsuku.

Uthe bebedonsa izintombi ngendlebe bethi azifunde ukwamukela isimo sasemakubo ngoba abanye abantu besifazane bazithola sebehlukumezeka othandwenii ngenxa yokuthi basuke belandela ibhodwe eliconsayo.

Uqhube wathi babuye bagqugquzela izintombi ukuba zigxile emfundweni ukuze zithole imisebenzi engcono engenza zikwazi ukuguqula impilo yasemakubo. UNkk Ndlovu uthe babuye baxwayisa izintombi ngeziqumama eziziheha ngezinto ezinhle kanti ziqonde ukucekela phansi ikusasa lazo.

"Kufanele ziyeke ukuhalela impilo ezingakafiki kuyo nezinto eziwubukhazikhazi ekubeni zingazithenganga ngemali yazo. Kunomuntu intombi ezozwana naye, ayenzele konke okuhle, intombi ize izitshele ukuthi uyayithanda, akabheke lutho kuyo, kanti uzoyiphendukela esiswini njengotshwala, ayidlwengule, esefuna ikhokhele zonke izinto abeyinika zona," kusho uNkk Ndlovu obebambisene noNkk Nomthandazo Khanyile, Nkk Zethu Mkhize, uNkk Dumazile Maphanga noNksz Zandile Hlongwane.

Ubuye wadonsa izintombi ngendlebe wathi azibaxwaye o-lift ezibanikezwa ngabantu besilisa ngoba abanye bakhohlakele.

"Nasekhaya intombi mayingathembi muntu ngoba kukhona ongayigila ngoba efuna ukuyala umzali wayo. Intombi uma kukhona ekusolayo okwenziwa wuyise noma wumfana wakubo, njengokuthi ayipopole igeza noma asho okuthize ngomzimba wayo, ayisibikele ukuze lusheshe lusukunyelwe lolo daba. Intombi mayingathuli ize ificwe wukudlwengulwa noma wukufa."

UNkk Ndlovu uthe izintombi zibuye zathola amazwi anobuhlakani kosonhlakalahle, abahlengikazi nasemaphoyiseni. Izikhulumi bekungumhlengikazi waseMsunduzi, uSister Nonhlanhla Gonya, umsebenzi wakwaMasipala uMnuz Zwe Mlungisi nokhulumele abazali uNkk Lungelo Ngubane kanye Mnuz Ngidi (elingatholakalanga igama lakhe) okhulumele amaphoyisa aseMsunduze

Kwenzeka lokhu nje kuhlale kukhalwa ngezibalo eziphezulu zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli.

AMATSHITSHI aKwaXimba agcwale umgwaqo ekhala ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Image: SITHUNYELWE

IZINTOMBI zaKwaXimba zimashele ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane

Image: SITHUNYELWE