Izindaba

Amathiphu kwabafuna umsebenzi

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

IZINGA lwabangenawo umsebenzi kuleli lisaqhubeka nokunyuka. Isithombe: EPA/NIC BOTHMA IZINGA lwabangenawo umsebenzi kuleli lisaqhubeka nokunyuka. Isithombe: EPA/NIC BOTHMA

NGESIKHATHI abanye bejabulela ukuyoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme sebeqede u-matric wabo, abanye bazobe bematasa befuna umsebenzi ngezitifiketi zabo zika-matric. Amathiphu alandelayo angabasiza uma bephansi bephezulu befuna umsebenzi ngesitifiketi sika-matric

UKUZETHEMBA

Kubaluleke kakhulu ukuzethemba kukho konke okwenzayo uphume enqwabeni yabantu, ugqame wedwa.

Uma uzizwa sengathi unokungenwa ngamanzi emadolweni kukhona ongakwenza ukuze uqine: mana uqonde, bese uvula imilenze yehlukane kube sengathi amahlombe aya emuva bese amaqupha abe ngasokhalo, wena owabona kumi isidlakela.

Lokhu kuzokwenza ucabange okuhle kodwa ngawe. Emuva kwalokhu uzozizwa unamandla okugila izimanga.

XOXA NABANTU

Kubalulekilile ukuhamba ufuna ulwazi kubantu uma ufuna umsebenzi ngoba phela kubamba ezingelayo. Uma uxoxa nabantu bazokutshela ngezikhala zemisebenzi ongafaka kuyo isicelo.

Kubalulekile ukuthi uqhubeke nokuzethemba.

KUWUMSEBENZI WAKHO UKUTHI UZITHOLELE UMSEBENZI

Ukufuna umsebenzi kuwumsebenzi okufanele uwenze uze uthole umsebenzi owufunayo.

Lokhu kusho ukuthi uzohlala uthungatha umsebenzi usuku nosuku ufake umfutho ngayo yonke indlela.

Zihluphe ngokubuka izikhangiso zomsebenzi emaphepheni nakuyo yonke imithombo, bese ufaka isicelo kuleyo obona sengathi ikulungele.

Ungesabi ukuhamba ungqongqoza ushiye iCV yakho ezindaweni ezehlukene, mhlawumbe umqashi engachazwa ukuzimisela kwakho.

BHALA KAHLE I-CV

Uma ungemuhle kahle ngolimi lwesiNgisi kuhle ukucela omunye umuntu akubukele iCV yakho.

Bhala yonke imisebeni oke wayenza naleyo engamatoho obuwabamba ngamaholidi uma kuvalwe izikole.

BHEKA LAPHO KUNEMISEBENZI KHONA

Imisebenzi eminingi engu-80% isemahhotela,ezitolo zokudlela nasezitolo ezidayisa igilosa.

Bheka amabhizinisi amancane aqasha intsha esafisa ukufunda ikhule kwezemisebenzi.

Ungesabi ukusebenza imisebenzi emincanyana ngoba iyakusiza kakhulu ukuthi ufunde.

UKUVOLONTIYA KUYASIZA

Ukuvolontiya kuyinto ebalulekile ngoba kuyakusiza ukuthi ufunde. Zinikele ngokusiza enkonzweni nasezindaweni zokusiza umphakathi noma ezinkundleni.

Konke lokhu kuzoba wusizo ngoba uyakufaka uma usubhala iCV yakho.

HLALA UTHOLAKALA KWEZOKUXHUMANA

Sebenzisa inombolo yocingo eyodwa eqondile uma ufuna umsebenzi ukuze uhlale utholakala. Faka ne-email address yakho ukuze bakuthole kuyona

SEBENZISA ISINGISI

Yilona limi olujwayele ukusetshenziswa kwezamabhizinisi ezindaweni eziningi kuleli.

Uma ukwazi ukukhuluma kahle isiNgisi azokwanda amathuba okuthola umsebenzi. Buka ithelevishini,nemisakazo , funda amaphepha uzilolonge kahle.

GADA IZINKUNDLA ZOKUXHUMANA

Abanye abaqashi bangakubheka ukuthi uziphethe kanjani ezinkundleni zokuxhumana.

Khumbula lokhu njalo uma kukhona ofuna ukukufaka ezinkundleni zokuxhumana.

Uma kukhona into ongafuni yaziwe umqashi, ungayifaki.