ANGENE ngendlovuyangena amasosha ayelwa nohulumeni wobandlululo izolo ehhosivi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala.
La masosha angene ngodli ngemva kokulinda isikhathi eside kungekho muntu ophumayo ukuzokwamukela uhlu lwezikhalo zawo, abebezilethe ehhovisi likaZikalala eliseMgungundlovu.
Amasosha ahlanganisa amalungu oMkhonto weSizwe Military Veterans Association, awe-Azanian People’s Liberation Army nawe-Azanian National Liberation Army, amashele kuleli hhovisi ekhala ngokuthi uhulumeni uwashaya indiva.
Badele ilanga ebelishisa eMgungundlovu izolo, bekhala ngosizi abhekene nalo futhi bathi babhuqabhuqwa yindlala ngoba abasebenzi kanti abanazo izindlu.
Bafike bafuna ukukhuluma nondunankulu obesemhlanganweni kahulumeni kazwelonke iLekgotla, noma uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni.
Emva kokuqhinqa amahora ehhovisi likandunankulu, uhlu lwabo lwezikhalo agcine elunikeza iPhini loMqondisi jikelele eHhovisi likaNdunankulu, uMnuz Zakhele Mnqayi, ngenkathi sekucaca ukuthi akekho obezokwazi ukulamukela phakathi kukaZikalala noNkk Nkonyeni.
Efunda uhlu lwezikhalo uMnuz Christopher Ngubu, uthe bafuna ukuthi uhulumeni asheshise uhlelo lokwakhela omakadebona izindlu, nabathe lwaqala ngeminyaka yama-90.
UMnuz Thamsanqa “Fafa” Mngadi, uthe bafuna amasosha anikezwe amathuba emisebenzi kuhulumeni.
“Sifuna * -10% wabasebenzi eminyangweni kahulumeni kube omakadebona. Asifuni ukuthi uma siqashwa sigcine sibe onogada kuphela. Abanye bethu bafundile, kufanele sinikezwe amathuba, siqashwe ezikhundleni eziphezulu. Iningi lethu liyafa, sibulawa yindlala ngoba asiyitholi imisebenzi.”
Emukela uhlu uMnqayi uthe bayazwelana nomakadebona.
“Ibuhlungu le nto engiyibona lana. Awamaningi amazwe lapho uthola amasosha alwela inkululeko, ehlupheka. Akukwazi ukuba nozinzo ezweni uma ungawanakekeli amasosha alwela inkululeko.”
UMnuz Melusi Hlatshwayo usabise ngokuthi bazobuya bengasagayelwe mphako uma izikhalo zingaphendulwanga ezinsukwini ezingu-14.