KUPHAZAMISEKE ukusebenza emahhovisi amaphoyisa kaMasipala weTheku ase-Albert Park izolo ngesikhathi eduba umsebenzi evala amasango angena emahhovisi ekhonondela ukucwasa.
Izolo amaphoyisa angamalungu ezinyunyana ezimbili iSouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) ne-Independent Municipal and Allied Workers’ Union (Imatu) atelekile ekhononda ngokuthi kuyacwaswa uma sekukhushulwa abantu ezikhundleni, abanye abayiholi imali yokusebenza amahora engeziwe nanokuthi kuyenzelelwa uma kuqondiswa ubugwegwe ozakwabo abawolunye uhlanga.
Abaphathi bamaphoyisa kamasipala basemahhovisi ase-Albert Park baphoqeleke ukuthi basebenzise izindlawu ukusika amaketanga obekuvalwe ngawo ukuze angene emahhovisi.
UMnuz Zithembiso Qulo oyi-shop steward yeSamwu, utshele iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iDaily News, ukuthi abaneme neze ngendlela abaphathi babo abenza ngayo e-Albert Park.
Uthe izimoto zamaphoyisa kaMasipala weTheku zicazwa ngendlela engathokozisi. Kunobandlululo nokucwasa uma kuqondiswa ubugwegwe, abasebenzi njengoba abanye begwetshwa kanzima kodwa abohlanga oluthile bashaywe ngoswazi oluncane.
Ubalule ukuthi abanye abasebenzi abakuholeli ukusebenza isikhathi esengeziwe kodwa kukhona abakhokhelwayo.
Uthe bafuna kususwe nesikhulu esibhekene nezinsolo zokuhlukumeza umsebenzi ngokocansi.
Inhloko yamaphoyisa kaMasipala weTheku, uKhomishana Steve Middleton, ithe ayikakwazi ukuphawula okuningi ngodaba lwesiteleka kodwa ingakuqinisekisa ukuthi ibe nomhlangano odonse amahora amathathu nabamele iSamwu ne-Imatu bayinika uhlu lwabo lwezikhalo.
“Ngiluthathile uhlu lwabo lwezikhalo ukuze ngiludlulisele phambili, ngizobuyela kubona kusasa. Yilokho kuphela engingakusho okwamanje,” kusho uMiddleton.