INKAKHA yomculi wakuleli uChicco Twala onguyise kaLongwe Twala ongomunye wababekhona ngesikhathi kudutshulwa lowo owayengunozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa usephumele obala wazwakalisa ukugculiseka ngokuqhubeka kophenyo lwamaphoyisa.
Ngokombiko weTimesLIVE, uChicco ukuphikile ukuthi indodana yakhe iyathintekla ekubulaweni kukaSenzo. Uthe ukuba indodana yakhe ibithinteka ekubulaweni kukaSenzo ubezoba ngowokuqala ukuyinikela emaphoyiseni.
"Amaphoyisa enza umsebenzi oncomekayo ngokuphenya udaba. Kuphela nje ukuthi abantu bashicilela umbhedo nje. Abantu kumele bayekele amaphoyisa enze umsebenzi wawo ukuze abambe isigilamkhuba. Izindaba ezingamanga. Angeke ngikholwe yilutho amaphoyisa engakaluphothuli uphenyo," kusho uChicco.
Ukuphawula kukaChicco kulandela udaba olushicilelwe iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Independent neSolezwe ngeSonto obeluveza itulo lokufihla ukuthi ngubani owabulala uSenzo. Kulolu daba kuvela ukuthi uSenzo wadutshulwa ngumuntu owayengaphakathi endlini ngesikhathi ezama ukuhlukanisa udadewabo kaKelly, uZandi nesoka lakhe uLongwe ngesikhathi bexabana.
ULONGWE Twala
NgoLwesibili UKelly usole leliphephandaba ngokusenga ezimithiyo ngalolu daba.
"Leli phephandaba lase-Independent likwenza kanjani ukuthi lishicilele udaba olungamanga? Engizonitshela kona ukuthi ngelinye ilanga niyohlangabezana nembibizane. Mina noNkulunkulu siyalazi iqiniso," kusho yena.
UKelly uthe akasoze wavikela umuntu obulale uyise wendodakazi yakhe.
"Engingasoze ngakwenza ukuvikela umbulali woyise wendodakazi yami. Bangakholwa noma yini abayithandayo kodwa ekugcineni uNkulunkulu akehlulwa yilutho," kuphetha uKelly.
NoZandi ushicilele esakhe isitatimende ngoLwesithathu lapho aveze khona ukuthi usawuzwela umndeni wakwaMeyiwa futhi uyafisa atholwe umbulali kodwa wathi akawukweleti lutho umndeni wakwaMeyiwa. Uzikhahlelel ngazo zombili izinsolo zokuthi wadubuleka ngephutha ezama ukulamula ingxabano eyayiphakathi kwakhe nowayeyisoka lakhe uLangwe.
Akukaboshwa muntu ngokubulawa kukaMeyiwa.