AMAPHOYISA asekhiphe isexwayiso asibhekisa kumalungu omphakathi ukuthi agweme ukuphatha imali eningi ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Lokhu akusho kulandela izigameko lapho abantu beqolwa khona noma behlaselwa izigebengu ngoba zifuna imali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, unxuse umphakathi ukuthi uzame eminye imizamo ephephile yokuthumelela abantu imali.
“Sinxusa ukuthi abantu bazame ukuphatha imali encane, baphinde bazame imizamo ephephile yokudlulisela imali kwabanye abantu, njengokuyifaka kuma-akhawunti amalungu ebhange, ukukhokha kuma-ATM nokusebenzisa amaselula ukuthumelela abantu imali. Sekube nezigameko lapho abantu bephucwa imali kokunye kwaphuma nezidumbu ngoba kufunwa imali,” kusho uZwane.
Kunxuswe kakhulu amalungu ezitokofela ukuthi angalinge aphathe imali eningi.
Kuxwayise nabaqolwa ngamaselula nangezinkundla zokuxhumana ukuba bangalinge bathumelele abantu abangabazi imali, noma baluthwe kuthiwa abathumelele izihlobo zabo imali ngokushesha ekubeni bengazange bakhulume nazo.
Amaphoyisa akhiphe le migomo engalandelwa ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaphepha ngalesi sikhathi:
* Akube nezinsuku ezingafani okufakwa ngazo imali emabhange.
* Gwema ukuyofaka imali engu-kheshi ebhange.
* Ungabikeli abantu uma uzoya ebhange, ngisho osondelene nabo.
* Ungalinge uveze imali ozoyifaka ebhange uma usalindile emgqeni wasebhange.
* Gwema ukuphatha izikhwama zemali noma ibhuku lasebhange lokufaka imali, eliveza ukuthi unemali engakanani.
* Sebenzisa amabhange ahlukene ukufaka imali, ukuze ugweme ukubambeka kalula indlela oyifaka ngayo imali ebhange.
* Uma ibhizinisi lakho likhula, nemali engenayo yanda zama ukusebenzisa inkampani eqoqa imali ukuba iyilande. Ungazihambiseli wena ebhange.
Gwema ukuholela abasebenzi bakho kubuka wonke umuntu. Okungcono imiholo yabasebenzi uyifake ebhange noma usebenzisana nebhange lakho ukubaholela.
Kugweme ukuya ebhange ngezinsuku zokuhola, uhamba ngemoto yomsebenzi ebhaliwe ngoba lokho kwenza abantu abaningi babone ukuthi uphethe imali eningi.