UHAMBA ngezinduku obhaxabulelwe ukucula ingoma yodumo eculwa uDj Maphorisa noKabza de Small ethi Phoyisa.
UMnuz Sizwe Mkhabela (24) waseMtubatuba, eNkombose, uthe namanje akakwazi ukuhamba kahle ngenxa yokushaywa kabuhlungu ngamaphoyisa asesiteshini sakwaMsane, emasontweni amabili adlule okuthiwa avulele isibhaxu ngemva kokuthi ecule le ngoma ngesikhathi kudlula imoto yawo ngasesangweni lakubo.
“Bengisesangweni lasekhaya, okuthe uma amaphoyisa edlula angizwa ngiziculela le ngoma. Avele amisa iveni angifaka kuyo ngenkani ahamba nami. Angehlise endaweni eyihlane ebuqamama nasekhaya angishaya engisola ngokuwajwayela kabi,” kusho uMkhabela
Uthe amkhahlela ngamabhuzu emshaya nangesibhakela ethi amkhipha ukuphapha. Uveze ukuthi ngendlela ashaywa ngayo waze waquleka, amthatha ayomlaxaza esangweni lakubo lapho emthathe khona.
Unina kamgilwa uNkk Thembi Mkhabela uthe unya lwamaphoyisa lumshaqise kakhulu.
“Uphuthunyiswe emtholampilo kodwa ngenhlanhla izimbambo zakhe azilimalanga. Amkhahlele emadolweni ngamabhuzu kuze kube manje akakakwazi ukuhamba kahle usalekelelwa yizinduku,” kubalisa uNkk Mkhabela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokushaya elivuliwe.
“Kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyisa KwaMsane, ngemva kokuthi umgilwa eshayiwe, endaweni yaseNkombose, KwaMsane. Amaphoyisa ayaphenya,” kusho uCaptain Gwala.