AMAPHOYISA aseNingizimu Afrika asezwakalise ukukhathazeka ngamavideo afakwa ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene aveza ukudlanga kokushushumbiswa kwabantu, ikakhulukazi izingane kuleli.
Ngokwamaphoyisa, uphenyo lwawo lukhombisa ukuthi le yinto engekho.
“Ngokophenyo lwethu njengamaphoyisa, into efana naleyo ayenzeki lapha eNingizimu Afrika,” kusho isitatimende esikhishwe amaphoyisa izolo.
Amaphoyisa athe okokuqala, akukho okuqinisekisa ukuthi lokhu kwenzeka kuleli, nokuthi yinto ekhona ngempela.
Ngokwamaphoyisa, ngaphandle kokuthi abelinde umphakathi uzibike emaphoyiseni lezi zigameko, abelindele ukuthi kumele ukuthi ngabe isikhona imindeni ezifikele mathupha kuwona yazobika ngezihlobo zayo ukuthi ziyathinteka kulo kushushumbiswa, ziveze namavideo anazo lezo zihlobo.
Athe njengamaphoyisa, ngeke akwazi ukuqinisekisa izinto eziqoshiwe ezingazange zibikwe kuwona, njengoba umthetho usho njalo.
“Esingaphetha ngokukusho njengamaphoyisa wukuthi lawa mavideo ayinto engekho nje kwaphela,” kugcizelela isitatimende esikhishwe amaphoyisa.
Kulawa mavideo kubikwa ukuthi indlela athathwe ngayo, kukhombisa ukuthi enziwe aba samkokotelo ngoba akucaci nezindawo athathwe kuzona.
“Sicela abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bazibhekisise izinto ngaphambi kokuthi bazifake kuzona ukuze kugwemeke uthuthuva olungenasidingo,” kusho lesi sitatimende.
Sithe uma izinkundla zokuxhumana zisetshenziswa ngokuyikho, ziyawasiza amaphoyisa ukuthi abophe izigilamkhuba.
Athi azoqhubeka nokwenza isiqiniseko sokuthi izingane zakuleli nomphakathi bazohlala.