AMAPHOYISA aphenya ngokubulawa kwendoda edutshulwe endaweni okugezwa kuyo izimoto ePhase 3, eWaterloo, eVerulam.
Kutholwe isidumbu sendoda (23) ngeSonto ngo-4.50 ekuseni sinamanxeba okudutshulwa emzimbeni emgwaqweni Isibani Sezwe.
Indawo okutholakale kuyo isidumbu ibingcolile futhi inamabhodlela otshwala.
Indawo izungezwe yihlathi, abayihambelayo ngezimoto kuthiwa bazipaka emgwaqweni. Kunekhonteyna edayisa utshwala nendlu eyayakhelwe ukwamukela izicukuthwane.
Onogada bakwaReaction Unit South Africa (Rusa) eVerulam bafonelwe owesifazane ebabikela ngesehlo.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe ulivalile ucingo lona wesifazane ngenkathi obephendula ucingo lwakhe ecela ukuthi amnike ulwazi oluthe xaxa.
“Sithumele ithimba lethu labezimo eziphuthumayo kule ndawo lafica isidumbu sowesilisa endaweni esetshenziselwa ukugeza izimoto. Ubenamanxeba amathathu. Uthathwe ngenjophangalalele endaweni yesehlo,” kusho uBalram.
Uthe iqulu labantu elibuthanele endaweni yesehlo linqabile ukubanika imininingwane ngokwenzekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseVerulam.