KUBOSHWE amaphoyisa amabili abezama ukugwazisa umshayeli weloli ongowokufika, eWestville ngoLwesithathu, okuthiwa ubeshayela iloli ebingenayo ilayisensi yokusebenza.
Isolezwe lithole ukuthi lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo 8.30 ekuseni ngasemgwaqweni u-Essex Terrace ngesikhathi amaphoyisa amabili ehamba ngeveni esemsebenzini.
Kuthiwa amise iloli ebilayishe abagibeli ngemuva, athola ukuthi ayinayo ilayisensi, idlulelwe nayisikhathi sokuthela nokuthi ibishayelwa owokufika.
Kusolwa ukuthi amaphoyisa aphinde abona ukuthi phakathi elolini kukhona abanye abagibeli bokufika, atshela umshayeli ukuthi kumele agwaze ngoR2 000 ukuze bangaboshwa.
Kuthiwa umshayeli weloli ushayele ucingo umqashi wakhe ecela ukuthi afake imali ngeselula kwelinye lamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker uthe umshayeli weloli uhambe namaphoyisa ukuyokhipha imali enxanxatheleni yezitolo eseduze, uthinte namanye amaphoyisa empimpa ozakwabo. Uthe lawo maphoyisa aphucwe izibhamu avalelwa esitokisini eWestville.
UNaicker uthe kuphenywa icala lokugwaza nelenkohlakalo avulelwe amaphoyisa aneminyaka engu-31 no-42.
Ngesikhathi sokuloba lawa maphoyisa bekumele avele eNkantolo yeMantshi ePinetown.
OnguKhomishana wamaPhoyisa obambile, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uncome amaphoyisa abophe ozakwabo kulesi sigameko.
“Siyambonga nomshayeli weloli ukuthi enze imizamo yokuthinta amaphoyisa, angavumi ukugwaza. Siyabadinga abantu abathembeke njengaye abazosebenzisana nathi ukulwa nenkohlakalo. Indlela esilwa ngayo nenkohlakalo ngeke sibe nozwelo ngisho kuthinteka amaphoyisa,” kusho uMkhwanazi.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi esifundazweni, uMnuz Mxolisi Kaunda naye ukuncomile ukuboshwa kwamaphoyisa.
“Siyamelana nalo lonke uhlobo lobugebengu, ikakhulukazi uma buthinta abantu abazi umthetho. Ukuboshwa kwalawa maphoyisa kuzoba isifundo nakwamanye amaphoyisa ukuthi ngeke siyimele inkohlakalo kulo mbutho wethu,” kusho uKaunda.