AMAKHOSI akhala ngencwadi entsha eyisivumelwano selobolo, athi izobulala leli siko eliphakathi kwemindeni.
Lokhu kushiwo yinkosi uDaniel Gumede obemele indlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal ngesikhathi kunesithangami sokudingida umthetho womshado eThekwini, ngeledlule.
Esithangamini, amakhosi akhale ngokuningi phambi kukaNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi.
Inkosi Gumede iyihlabe yayihlikiza le ncwadi esidayiswa ngoR99 emasuphamakethe okuthiwa yenzelwa ukuthi kwaziwe kahle ukuthi lingakanani ilobolo elikhishiwe ukuze kugcinwe ubufakazi.
“Ilobolo Agreement ibukela phansi isiko. Inhloso yelobolo ngokwesiko wukwakha ubudlelwano phakathi kwemindeni emibili. Kuningi osekonakele njengoba nohla lwezibizo sekuba noxhaxha lwezimpahla ezibizayo ngisho amafriji. Umndeni ubize izimpahla nawo ongeke ukwazi ukuzithenga. Konke lokhu kuyasikhathaza njengamakhosi,” kuchaza uGumede.
Uthe okuhlupha amakhosi wukuthi ngisho efuna ukulungisa osekonakele ngesiko, kunzima ngoba awanazo izimfanelo nezinsiza.
Ulinganise ngokuthi bekungamele kuze kube wuhulumeni olungisa indaba yomthetho womshado kodwa ngabe kuba ngamakhosi ukube awanazo izingqinamba. Uthume uMotsoaledi ukuthi uma behlezi njengeKhabhinethi azidlulise izikhalo zamakhosi.
“Amasiko ethu ahlanazelekile ngoba sekonakele ngendlela enziwa ngayo. Ngisho ukuthwala kwakungelona isiko elibi kodwa seloniwe ngabantu ngendlela abenza ngayo. Siyafisa ukulungisa zonke lezi zinto kodwa kubukeka sengathi nohulumeni akawanakile amakhosi. Kusayinwa imithetho ngapha nangapha, umengameli ahlangane nezinye izinhlaka kodwa lutho amakhosi,” kusho yena.
OnguSihlalo weNational House of Traditional Leaders, iNkosi Sipho Mahlangu, uthe ngabe izinto azonakele kanje emphakathini ukube amakhosi anikwe amandla ngokuphelele. Uthe amakhosi awakwazi ngisho ukusebenza kahle ngoba ayikho imali.
“Amakhosi abeneqhaza elikhulu emphakathini nangokwesiko. Ukuzalwa kwengane bekubikwa enkosini, ngisho kukhona oshadayo. Uma kukhona oshonile bekubikelwa inkosi,” kusho uMahlangu.
OyiPhini likaSihlalo weKhomishini yeziLimi namaSiko uNkk Sylvia Pheto, ukhuthaze amakhosi ukuthi ashicilele phansi indlela amasiko okumele enziwe ngayo.
UMotsoaledi uthe bayawahlonipha amakhosi futhi uzozicubungula izikhalo zawo. Nokho uthe akulula ukwanelisa wonke umuntu.