AMAKHOSI anxusa abantu basezizweni zawo abahlala emadolobheni ukuthi bangalubhadi emakhaya ngalesi sikhathi sobhubhane lomkhuhlane iCorona.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza obeyingxenye yomhlangano wamakhosi nezikhulu zikahulumeni okubalwa
kuzo iPhini likaMengameli uMnuz David Mabuza noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize, uthe bengondabezitha bathathe lesi sinqumo ukuze bagweme ukubhebhetheka kwaleli gciwane.
“Imibiko iveza ukuthi leli gciwane alidlangile emakhaya njengoba abantu bakhona bengakujwayele ukuhamba, nokubavikelayo kuleli gciwane kodwa uma kuzofika abantu abasuka emadolobheni beze emakhaya lokho kuzobabeka engcupheni yokuthi batheleleke,” kusho uChiliza.
Uthe into okuvunyelwane ngayo emhlanganweni wukuthi abantu beSilo kumele baphephe.
“Impela mina nePhini likaSihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal besiyingxenye yomhlangano lapho izikhulu zikahulumeni bezisichazela kahle khona ngezinhlelo zazo zokulwa naleli gciwane, zisichazela ukuthi kusho ukuthini ukuvalwa kwezwe nokunye,” kusho uChiliza.
Uthe njengeNdlu yobuHoli boMdabu bayaseseka isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokumisa yonke into izinsuku ezingu-21, ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwaleli gciwane.
UChiliza uthe abantu basemakhaya yibona abasengcupheni yokuthi sibabhuqe isifo ngoba abanawo ngisho amanzi.
Uthe olunye udaba abaluxoxile olomngcwabo emakhaya ngoba kuvamise ukuthi kuphume abantu abaningi uma kunomkhuhlane.
“Nathi siyahambisana nesibalo esibekiwe sokuhlangana kwabantu, okunye esikushoyo sithi kumele ibhekwe kabanzi nalena yokugeza izandla ngomswane uma kushoniwe ngoba iyingozana njengoba kusakhona leli gcinwane, sithi okungcono kumele kubekhona umuntu oyedwa uma kushoniwe ozogezisa abantu izandla ngamanzi,” kusho uChiliza.