Phili Mjoli
ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) iyawavala amakhadi okuhola impesheni.
ISassa ithe abenza izicelo zempesheni nezibonelelo kusukela kule nyanga sebezohola emabhange, abebehola ngamakhadi bazoshintshela emabhange ngoMashi ngonyaka ozayo.
UNksz Sandy Godlwana, imenenja yezokuxhumana eSassa KwaZulu-Natal, uthe ukutholakala kwabantu benamakhadi amaningi abahola ngawo impesheni kungafanele yikho okwenze iBhange loMbuso lithathe isinqumo sokuthi amakhadi avalwe.
Uthe abafaka izicelo zokuhola impesheni yabo kusukela kule nyanga, bazoyihola emabhange. Uma bengenawo amakhadi bazocelwa ukuthi bawathathe ukuze impesheni ifakwe kuwo.
“Abanamakhadi aseSassa abahola ngawo bangatatazeli, asasebenza basazokwazi ukuhola ngawo ezikhungweni noma ezitolo njengoba kade kwenzeka kodwa abenza izicelo ezintsha bona ngeke besawathola lawo makhadi sebezohola ebhange. Kuzobe kwenziwa uhlelo lokuthi amakhadi akhona njengamanje ashintshwe okulindeleke ukuthi kwenziwe ngoMashi ngonyaka ozayo.”
Uthe amakhadi azoshintshwa awaseSassa nawaseposini.