IZIGEBENGU ebeziziphihle ngezingubo zabasebenzi bezempilo uma besemsebenzini bezivikela kwiCovid-19, zibambe inkunzi isitolo uCheckers enxanxatheleni yezitolo eScottsville eMgungundlovu ekuseni namhlanje.
Bebezenza abasebenzi abazohlola ukuthi lesi sitolo sihambisa ngakho yini ukuvikela abantu kwicoronavirus.
Kukholakala ukuthi bangene kule nxanxathela yezitolo begqoke izifonyo, ama-face shields, amagloves nama-ovaloni amhlophe. Bangene ngasemgwaqeni u-Alan Paton.
Kuvela ukuthi bakhale bemuka nemali engaphezu kukaR200 000 obekumele iholelwe abantu abebezohola impesheni kulesi sitolo.
Ngaleso sikhathi abahola impesheni bebeshaye ujenga emnyango bethi bazohola.
Akubanga khona kudubula futhi akuhlukumezekanga muntu kulesi sigameko.
Abahola impesheni sebeyalelwe ukuthi baye kwezinye izikhungo njengoba lesi sitolo singasezokwazi ukuqhubeka nokubaholela namhlanje.
Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.
Khona manjalo abaphenyi baphansi phezulu baphenya isigameko sokwebiwa kwezinsiza kuvikela iCovid-19 okwenzeke ezifundeni ezintathu ekuqaleni kwaleki sonto KwaZulu-Natal.
Lezi zimpahla ezebiwe zibiza izigidi zamarandi kanti bekulindeleke ukuthi zithunyelwe emahhovisi amasekethe okubalwa kuwo iPinetown, uMlazi naseZululand.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko, wathembisa ukuthi kuzophenywa kabanzi ngalesi sigameko.