KUSUKE uthuli lwezichwe kwantaza amajakhethi ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza isixuku samaciko aKwaZulu-Natal, abevale uthelawayeka womgwaqo uN3 izolo efuna kuvulwe ukwenziwa kwemicimbi.
Kugcine kuboshwa abangu-30, amaphoyisa ahlakaza isixuku ngesisi esikhipha unyembezi emuva kwamahora kuvalwe umgwaqo izinhlangothi zombili phakathi kwenxanxathela yezitolo iPavilion ne-EB Cloete Interchange.
Kule mashi obekusho kuyona ingoma, bekukhona nabahleli bemicimbi, abanikazi bezindawo zobumnandi nabanye abasebenza endimeni yezikaqedisizungu.
Amaciko abelokhu ecule njalo kule mashi ebibizwa nge-#OperationVula, ethi “Ramaphosa sifuna ukugroova”.
Amaciko ahlanganyele eStable Theatre ngaphambi kokuthi izimoto zishaye ujenga ziyovimba ezinye izimoto kuN3.
KuN3 kupake iloli eliphenduka libe yisiteji futhi eline-sound system. Kukhale igqom’ kwashaywa ivosho kuthiwa “noma ungavala thina sizongena kuvaliwe”.
“Pakani izimoto nizobuka ikhonsathi lamahhala,” kusho umholi wemashi uT’zozo, onguSihlalo weCultural & Creative Industries Federation of South Africa(Ccifsa) KwaZulu-Natal.
UT’zozo uthe bafuna uMengameli Cyril Ramaphosa abavulele benze imicimbi okungenani izethameli zingadluli ku-70% wesibalo esimumathwa yindawo.
“Izikole zivuliwe kwathiwa abangafuni ukuyisa izingane bangazigcina emakhaya. Nathi akuvulwe imicimbi abangathandi ukuya bangayi. Ngomcimbi owodwa kuqashwa abantu abaningi okuyi-graphic designer eyenza isikhangiso, amaciko, umuntu westeji, owe-sound system, onogada, baningi abazuzayo. Sikhathele yindlala. Umengameli selokhu kwaqala akakaze ayiphathe imboni yezobuciko uma ethula izinkulumo,” kusho uT’zozo.
Umgwaqo uvalwe cishe amahora amabili esteji kusho ingoma kushintshana uDladla Mshunqisi, Dumi Mkokstad, Khaya Dladla, Qhoshangokwenzakwakhe nabanye.
Ngaleso sikhathi izimoto ebezivimbekile bese zishaye ujenga abanye abashayeli sebehlile bezobukela. Abanye bebenengekile bethi yize bezizwa izikhalo zabo kodwa bekumele bazidlulise ngenye indlela, bangaphazamisi umnotho.
Kuthe kusadanswa kwatheleka abakwaSidlodlo ababizane baba baningi ngaphambi kokudedela isisi esikhalisa unyembezi. Kushaqwe nezinye izimoto zababhikishi.
Abebesemashni bebeqhamuka esifundazweni sonke belinganiselwa ku-200.
“Sizolinda ukuthi uthini umengameli ngomhla ka-15, uma engasho lutho siyaphinda futhi.”
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi uMnuz Bheki Ntuli ukugxekile ukuphazamiseka kwezimoto.
Uthe ababoshiwe bazothweswa amacala okuphula umthetho wokuhlangana kwabantu nothinta umgwaqo.
Emini amaciko aye eCity Hall lapho ethe ahambisa khona izikhalo zawo kwiMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.
UKaunda uyigxekile imashi.
“Siyaqonda ukuthi imikhakha eminingi ishayekile ngenxa yeCovid-19 kodwa izenzo zobuhlongandlebe nokuphazamisa umnotho ngeke zibekezeleleke futhi abaphula umthetho bazoyikhotha imbenge yomile,” kusho uKaunda.