UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula, uthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli mayelana nodaba lokumiswa kwamabhanoyi amaningi okwenzeke izolo. Isithombe:Phando Jikelo/African News Agency(ANA) UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula, uthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli mayelana nodaba lokumiswa kwamabhanoyi amaningi okwenzeke izolo. Isithombe:Phando Jikelo/African News Agency(ANA)
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuleli, uMnuz Fikile Mbalula, uthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli mayelana nodaba lokumiswa kwamabhanoyi amaningi okwenzeke izolo.
UMbalula, ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uthe amabhanoyi amiswe ngoba bekuqinisekiswa ukuthi konke kuhamba ngohlelo.
UMbalula uthe ekupheleni kwaleli sonto isimo sizobe sesibuyele kwesejwayelekile.
“Asikho isimo esibucayi esibhekene naso, okwamanje ukuhlolisisa nje ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu uphephile. Kuzophela leli sonto konke sekubuyele esimeni esijwayelekile. Amabhanoyi azohamba ngokohlelo maduze nje,” kusho uMbalula.
Kusukela izolo ekuseni, abebezogibela amabhanoyi bazithele phezu kwalesi simo lapho amabhanoyi amaningi abengaphumi futhi kungekho nangenayo ezikhumulweni zezindiza eziningi ngenxa yokuthi abemisiwe.
Izolo abe-Airports Company South Africa ( ACSA), bakhiphe isitatimende bethi bayaqonda ukuthi iSouth African Civil Aviation Authority (SACAA), imise amabhanoyi akwaComair nawakwaSAA kuze kube kuhlolisiswa konke okuthinta ukundiza kwawo.
Okhulumela i-ACSA, uNksz Angela Karnein uthe: “Siyasebenzisana nabamabhanoyi ahlukene ukuze sibe nohlelo lokuba isimo sibuyele kwesejwayelekile.”
Okuvezwe uMbalula wukuthi abeSACAA kade benophenyo emuva kwalo kube khona okuthize abangakuqondisisi okwenze bakhetha ukuba amiswe wonke amabhanoyi athintekayo kuze kube isimo siyalungiswa.
Okhulumela iSAA, uMnuz Tlali Tlali ekhuluma ne-eNCA, uthe aphephile amabhanoyi abo, akukho okumele bazikhathaze ngakho abagibeli.
Abahambayo kuthiwa kumele bathinte abezindiza abazozigibela ukuze bathole ukuthi azoqala nini ukuhamba. Abamabhanoyi amisiwe bazonikezwa olunye usuku ukuze baqhubeke nohambo labo.
Lesi simo abamabhanoyi bathi baphezu kwaso ukusilungisa ngokushesha.