UMNUZ Duduzane Zuma noMnuz Ajay Gupta
OKLEBE bafuna indodana kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma emuva kokuthi engayitholanga eSaxonwold, izolo.

Ufunwa mayelana nenkohlakalo yepulazi lobisi eliseVrede, eFree State, i-Estina lapho kwahlomula khona osomabhizinisi nosopolitiki esikhundleni sabalimi abasafufusa.

Lezi zindaba zivezwe yimithombo ophikweni lwezokuphepha eNingizimu Afrika.

“Sitshele uMnuz Zuma (Duduzane) ukuthi sinencwadi yokumbopha kodwa akatholakali,” kusho umthombo obungafuni ukugagula uDuduzane ngegama.

Kuthiwa uMnuz Atul Gupta ongumngani kaDuduzane, uzame ukweqa eNingizimu Afrika kodwa wabanjwa ngesikhathi umshayeli webhanoyi enqaba ukuhamba eLanseria.

“Imininingwane esiyitholile iveza ukuthi u-Atul uzamile ukubaleka ekuseni kodwa umshayeli webhanoyi wanqaba ukumhambisa,” kusho umthombo.

UGupta nomfowabo u-Ajay bebexoxa noKlebe ngoba befuna ukuzinikela, ngokusho kwemithombo.

Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star lithole ukuthi u-Atul noMnuz Tony Gupta obuye aziwe ngokuthi wuRajesh baboshwe izolo ekuseni ngesikhathi oKlebe begasele ekhaya labo eSandton.

“UTony ungaphakathi, * -Atul uxoxa nabameli bakhe,” kusho umthombo oveze ukuthi kuboshwe nomunye usomabhizinisi osebenzisana nabakwaGupta, eGauteng.

Kuboshwe abantu abahlanu abathinteka odabeni lwepulazi i-Estina.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, uthe: “Kuboshwe abantu ababili emzini wakwaGupta, kwaboshwa umuntu oyedwa eGauteng nabantu ababili eFree State, okusho ukuthi sesibophe abantu abahlanu. Silindele ukubopha abanye ababili maduze,” kusho uHangwani.

Ababoshiwe babhekene namacala enkohlakalo, awokukhwabanisa nawokushushumbisa imali.

Phakathi kwabo kukhona iNhloko yoMnyango wezoLimo eGauteng, uMnuz Peter Thabethe.

I-The Star ithe oKlebe baphansi phezulu bafuna uDuduzani njengoba engatholakalanga emzini wakhe oseduze kowakwaGupta. UDuduzane unguMqondisi enkampanini yakwaGupta, iWestdawn Investments, esolwa ngokuthatha imali epulazini laseVrede.

Ummeli kaDuduzane, uMnuz Gary Mazaham, akathandanga ukuphawula ngalolu daba.

Ummeli wabakwaGupta, uMnuz Ahmedi Gani, ukuphikile ukuthi izelamani zakwaGupta ziboshelwe ekhaya.

“Yinzwabethu nje leyo. Abantu bayaziqagelela,” kusho uGani ovumile ukuthi kuboshwe abantu ababili emzini wakwaGupta.

Kusolwa ukuthi izelamani zakwaGupta zihlomule uR220 million kuhulumeni waseFree State ngepulazi lobisi.

OKlebe baqale ngabo-6 ekuseni ukuthungatha abasolwa.

Ababoshiwe kulindeleke ukuthi bavele eBloemfontein Specialised Commercial Crimes Court namhlanje.

I-DA eFree State ithe kufanele kuboshwe uMnuz Ace Magashule onguNdunankulu waseFree State noMnuz Mosebenzi Zwane ngoba babekhona ngesikhathi kudliwa imali yepulazi.