SIBE isenzo sokusabisa abantu ukuze bangangeni egiyeni lokhetho isehlakalo sokudutshulwa kubulawe abesifazane abathathu eNewtown C, eNanda ngoMgqibelo ntambama.
Lawa amazwi kaNgqogqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ohambele imindeni eshonelwe eyobhonga emswaneni.
Uqale esangweni lesikole eBuhlebethu Primary lapho kwehla khona lo mshophi ephelezelwa iphini lakhe, uMnuz Cassel Mathale, nephini likaNgqongqoshe weState Security Agency, uMnuz Zizi Kodwa.
Usuke lapho waya kokhalisana nemindeni eshonelwe waqala emzini wesalukazi uNkk Beatrice Dlamini (75) eMzomusha kwaBester, badlulela emndenini kaNksz Ncami Shange (34) bagcina kaNksz Philisiwe Jili (39) baseBhambayi.
UCele uthe uphenyo ngalesi sehlo ludluliselwe ophikweni lwamaphoyisa oluphenya izigameko zokubulala okuyamaniswa nepolitiki.
Uchaze lesigameko ngobugebengu bokusabisa abantu wathi ukhetho oluzayo alukho engcupheni
“Uphenyo lwalolu phiko luzobavundulula abenzi bobubi ebesinethemba lokuthi bazoboshwa bengakangcwatshwa abashonile,” kusho uCele.
Ubalule izifundazwe ezintathu iKwaZulu-Natal, Gauteng neWestern Cape athe udlangile umkhuba wokuqothwa kwabantu ngakho kuzodingeka ukuthi umbutho wamaphoyisa uqinise isandla.
UKodwa uchaze lesi sigameko wathi siwubugebengu obekuhloswe ngabo ukusabisa abantu. Uthe lokhu kuhlasela akumele kubukwe ngeso lokuthi ukhetho oluzayo lusengcupheni.
Amalungu omphakathi abikele uCele ukuthi ziningi izibhamu eNanda futhi ziqhunyiswa ubusuku nemini kwenziwe nezenzo zobugebengu njengokubanjwa kwabantu inkunzi ikakhulukazi ebusuku nasentathakusa.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi obehamba noCele ukuthathile obekushiwo amalungu omphakathi akhathazekile wathi bazophendula bewumbutho wamaphoyisa.
UCele ukhale kakhulu ngeTheku athe lingenye yezindawo ezigubuzelwa udlame lwezepolitiki uma sekuyiwa okhethweni.
Ubalule nokuthi sebezihlonzile izindawo eziyingozi esifundazweni okuzoqiniswa kuzona ezokuphepha njengoba kuyiwa okhethweni oluhlelelwe uNovemba 1.
“Ithimba eliphenya ngokubulawa kwabathu liyasithembisa ukuthi kukhona okuthembisayo kodwa akukho esingakusho manje ngaphandle kokubacela ukuthi basheshise uphenyo. Izigilamkhuba kumele zazi ukuthi azikwazi ukuthi zingenza into efana nalena bese ziyophumula ngakho kumele sisheshe siphendule singamaphoyisa,” kusho uCele.
Uthe ophenyweni olusenziwe kuvela ukuthi lokhu kudubula akubangwa izikhundla noma ukuqembukelana okukhona kwi-ANC kodwa abantu abebezosabisa abavoti.
Kwalimala abahlanu kukhona uNksz Nomawethu Gaxela waseBhambayi ohamba nenhlamvu eseqolo adutshulwa ngayo. Uthi wabaleka esuka esikoleni waze wayowela emtholampilo wendawo egxaza igazi.
Usole ubudedengu bamaphoyisa athe ayengekho esikoleni okwakukhethelwa kusona umuntu we-ANC ozobamela okhethweni lwamakhansela kule ndawo eku-ward 54.
Sigxekwa nkalo zonke lesi sehlakalo sokubulawa kwabantu i-ANC esifundazweni ethe siyithele ngehlazo futhi kwakungamele senzeke.