ALAHLWE elakubo amadoda amabili aboshwe ngamaphoyisa emzini ahlinzela kuwo izimoto oseZakheni ngoMsombuluko.
UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe ukuboshwa kwalawa madoda aneminyaka engu-46 nengu-47 kwenzeke emuva kokuthi inkampani esuke ithungatha izimoto ezintshontshiwe ithole ukuthi enye imoto efunwayo iseZakheni.
“Ngesikhathi amaphoyisa aseLadysmith ophiko lwezinja eyofuna imoto entshontshiwe eMansibilayo athole ukuthi namaphoyisa aseZululand afuna abasolwa abagqekeze umuzi eMondlo, eVryheid, ngeSonto. Amaphoyisa abe esesebenzisana alandela umkhondo afinyelela emzini okuhlizwa kuwo izimoto,” kusho uCaptain Gwala.
Uthe amaphoyisa abophe amadoda amabili awafice kulo muzi, ashaqa izimoto ezinhlanu okukhona kuzo iloli nezigadla ezimbili. Izimoto ezishaqwe ngamaphoyisa iToyota RunX okuthiwa lawa madoda abaleka ngayo emuva kokugqekeza umuzi eMondlo, iveni le-Isuzu, iVW Golf ebiphethe izimpahla ezebiwe.
Kutholwe neNissan Sentra eyayintshontshwe eNondweni ngoJulayi ka-2016 neloli elalebiwe ngoMeyi kulo nyaka e-Elandslaagte.
UCaptain Gwala uthe iloli laliphethe ifenisha ngesikhathi lidunwa.
Uthe lawa madoda avele enkantolo yeMantshi yaseZakheni lapho ebekwe khona icala lokugqekeza umuzi nelokutholwa nempahla eyebiwe.
“Abasolwa bazogqunywa ezitokisini ngoba amaphoyisa asaqhuba uphenyo,” kusho uCaptain Gwala.