AZIZOVALWA isikhathi eside izikole uma kukhona okutholakale ukuthi uneCorona, ngaphakathi esikoleni.
Kwi-video ethunyelwe kwabezindaba, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu uthe uma kutholakala ukuthi kukhona onezimpawu zegciwane, isikole sizovalwa okungenani amahora angu-48 siphinde sivulwe.
“Uma kukhona otholakale enegciwane esikoleni, isikole ngeke sivalwe sonke kuzovalwa kuphela indawo ohaqekile abesebenzela kuyo. Noma ngabe siyavalwa ngomyalelo wabezempilo ngeke kube yisikhathi esevile emahoreni angu-48, sifuthwe ngesibulali magciwane,” kusho uMshengu.
Uthe bangu- 2 500 osekutholakale ukuthi bahaqekile ezikoleni zakulesi sifundazwe, kubona kubalwa othisha athe yibona abanesibalo esiphezulu njengoba bengu-1 800, abafundi, abahlanza isikole nabanye abasebenzi ngaphakathi ezikoleni.
Isekela likaNgqongqoshe eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo uDkt Reginah Muhaule uncome izikhulu zomnyango esifundeni iMajuba ngokuba khona kwezinsiza ezikoleni ukuqinisekisa ukuthi abafundi nothisha baphephile kulo mbhedukazwe.
Yena noMshengu bebeye ezikoleni ezintathu Izimbuthu Primary, eMzikilazi Secondary nasesikoleni samabanga aphansi iThamsanqa ezingaphansi kwalesi sifunda khona izolo behlola ukulungela kwazo ukuvula njengoba bekwamukelwa abafundi bakaGrade 7 ngemuva kwekhefu lamasonto amabili behleli emakhaya.
“Ezikoleni ezintathu esizivakashele sijabule kakhulu ngoba kukhombisa ukuthi ubuholi bezikole, ubuholi kwisekethe kanjalo nobesifunda buyaziqonda izinselelo zalesi sikhathi futhi buyazi ukuthi kumele bubhekane kanjani nazo,” kusho uDkt Mahaule.
Uthe ngokujwayelekile uma bevakashele izikole zasemakhaya kuba nezikhalo ngamanzi kodwa ezikoleni abazihambele esifundeni saseMajuba bekungekho zikhalo namathoyilethi asesimeni esigculisayo.
Ekuqaleni kwesonto ekhuluma nabezindaba uMshengu, uthe zizoba namanzi zonke izikole zaKwaZulu-Natal waveza ukuthi bazomba amanzi ngaphansi komhlaba.
“Sinezingqinamba zokungabi bikho kwamanzi ezikoleni zethu ngenxa yokuthi imiphakathi ezikuyo nayo ayinawo amanzi. Kwenziwa ucwaningo kwatholakala ukuthi izikole ezingaphezu kuka-650 ezinamanzi ngaphansi komhlaba ngakho sizovula ama-boreholes ukuze zonke izikole zibe namanzi,” kusho uMshengu.
Uthe ngalolu ohlelo uMnyango wezeMfundo uzokonga imali ngoba ukuthutha amanzi ngamaloli kudla imali eningi.
“Uma senza ama-boreholes kwezinye izikole sizokwazi ukonga imali, siyisebenzisele ukuhambisa ezinye izidingo. Ezikoleni ezingenawo ama-boreholes, sizoqhubeka nokuwathumela ngamaloli,” kusho uMshengu.
Uveze ukuthi sebemi ngomumo ukwamukela abafundi ezikoleni njengoba ekupheleni kwenyanga kumele bebe sebebuyele bonke esikoleni. Uthe bazoba nohlelo lokuthi bashintshane ngezinsuku zokuya esikoleni, wanxusa abazali ukuthi balekelele abafundi ngokuthi bafunde emakhaya.
Uveze ukuthi bazobuye bathenge namakhishi awu-300 awomahamba nendlwana ngoba kunezikole ezingenawo amakhishi.
“Ezinye izikole zisebenzisa amakilasi uma kuphekwa, ezinye zicela ukupheka emizini ewomakhelwane ngoba awekho amakhishi, ” kusho uMshengu.