ISAZI sokuma komhlaba kuleli uDkt Gideon Groenewald sithi mancane amathuba okuthi yidayimane langempela elitholwa abantu bakwaHlathi, eMnambithi, kodwa uma kuyilo ngempela kuzomele bathole izimvume ezisemthethweni zokuzivukuzela lona kungenjalo baphula umthetho.
Ngokomthetho waseNingizimu Afrika, ungaba wumnikazi womhlaba kodwa uma kutholakala amamaminerali kuwo, njengegolide, platinum nedayimane, akukona okwakho okoMbuso.
Ekhuluma neNewsroom Afrika ngoLwesibili uGroenewald uthe abantu kuzomele bathole izimvume kuhulumeni ezisetshenziswa yizimayini ukuze bezokwazi ukuba abanikazi baleli dayimane.
Umnyango wezokuMbiwayo naMandla ujube ithimba lochwepheshe ukuyohlola amatshe atholwe kwaHlathi. UGroenwald uthe ulindele ukuthi kubathathe cishe izinsuku ezintathu ukubuya nempendulo eqondile.
Ikhansela lakwaHlathi uMnuz Sizwe Simelane lithe libalinganisela ku-3 000 ngosuku abantu abatheleke kule ndawo kusukela ngoMsombuluko ngeledlule.
Uthe ukutholwa kwalawa matshe sekuwunikeze ithemba umphakathi wakwaHlathi ontula umsebenzi. Ngenxa yalokho, uthi ngeke kube lula ukuthi uhulumeni atshele abantu ukuthi ababuyele emakubo akulona idayimane langempela leli.
“Abantu akulula ukuthi bakholwe uma bechithwa ngoba bathi uma kungamatshe akhethekile, kukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi uma ushona phansi kukhona omunye umnotho okhona. Kuzoba nzima ukuthi abantu basuke laphaya,” kuchaza uSimelane.
Uthe amatshe atholwa kuqala yinsizwa eyayizilusela ngoMsombuluk, yazisa amalungu omphakathi.
“Kushaye uLwesithathu sekutheleka nabantu abangahlali eduzane, abanye bavela kwezinye izifundazwe.”
Ngenxa yokufika kwabantu abavela kude, abanye babo bagcine sebewathenga amatshe ngenxa yokungalitholi ithuba lokuzimbela kwazise usuqinile umthetho.