Ngiyinsizwa esencane, nginomawengane engingasathandani naye ngenxa yokuthi ugxajelwa yikhanda.
Image: sigciniwe
Umbuzo
SAWUBONA ntombi yakwaQwabe, ngicela ungisize ungilekelele ngane yakwethu nakhu ngisobishini la. Ngiyinsizwa esencane, nginomawengane engingasathandani naye ngenxa yokuthi ugxajelwa yikhanda.
Uyinkinga nangumuntu wesifazane, MaGumede. Inkinga owangasekhaya, manje njalo uma eke wezwa nje ukuthi sekukhona umuntu engithandana naye uyamvimba amlwise, amtshele ukuthi akahlukane nobaba wengane yakhe.
Lento useyenze kubantu abathathu nokugcina ngokuthi ngempela sihlukene nabo. Sengike ngazama ukumqonda ngimbuze kodwa aphike, avele athi mina ngizomhlukumeza uzongibophisa. Angisazi ukuthi ngiyenzenjani lento ngoba lo sisi uyangikhathaza. Ingane ngiyayondla, ngiyenzela konke kodwa lo sisi ungibangela isicefe futhi akusemnandi ngempela. Ngicela ungibonise ngenzenjani.
Impendulo
SAWUBONA bhuti wami, inkinga kamama wengane yakho ukuthi usakuthanda kodwa uhlulwa impakamo, akakwazi ukuzehlisa acele nilungise izinto yingakho nje esephenduke isilwane esihambe sishaya abantu.
Ngoba uthi usumkhuzile akezwa, kungcono uyobikela amaphoyisa yiwona azobona ukuthi akusiza kanjani ngoba uma uke wamshaya uyoboshwa kube sengathi wena uhlukumeza umuntu wesifazane. Into ebuhlungu-ke nje ukuthi uzoba nebhadi ngelinye ilanga atholane nentombazane ezomnyisa ngenduku, mhlawumbe uyogcina ngci ukuhamba evimba abantu ebalwisa.
Wenza kahle wamshiya ngoba ukhombisa ukuthi nakini ubezofika enze leli khanda lakhe.