UMPHATHI wamaJaji uMoegoeng Mogoeng ucele ukuthi iqashwe ngeso lokhozi inkohlakalo eyenzeka ezinkampanini ezizimele uma iNingizimu Afrika izimisele ngokulwa nesihlava.
UMogoeng ubekhuluma emcimbini i-67 Minutes Leadership Talk obekukhunjulwa kuwo umengameli ongasekho, uMnuz Nelson Mandela.
UMogoeng uthe abantu baseNingizimu Afrika sebezitshelile ukuthi inkohlakalo yinto etholakala kuhulumeni nasezinkampanini zakhe kodwa akunjalo.
“Inkohlakalo ikhona nasezinkampanini ezizimele. Ngeke silwe nayo uma sibheka kuhulumeni kuphela noma sizitshela ukuthi yinto yabamnyama bodwa.”
Uxwayise ngokuphuma neqhubu nomndeni wakwaGupta uma kuliwa nenkohlakalo esho ukuthi ngeke inqotshwe uma kubhekwa wona kuphela.
“Akusilo iqiniso ukuthi yibona bodwa ababehlomula. Angithunyiwe yibona kodwa ake sicabange ukuthi kungani izinkampani zikahulumeni zazilahlekelwa yimali? Ubani omunye ohlomulayo ngenkinga yamalahle e-Eskom? Bathola amalahle angakanani laba bantu? Sike sazibuza ukuthi abanye abantu bathola malini?”
Usole abezindaba ngokubheka abamsulwa nabakhohlakele odabeni lweSARS noMvikeli woMphakathi.
UMogoeng ucele abaphenyayo ukuthi babaphenye nalabo ababukeka sengathi abathintwa.
“Kufanele senze isiqiniseko sokuthi abanye asibabeki kahle ngoba sifuna ukungcolisa abanye. Akufanele kube nabantu abangathintwa. Nami uqobo akufanele ngibekwe njengomuntu omsulwa. Akufanele sitshelwe ukuthi wubani omsulwa wubani ongcolile, kufanele sizenzele ucwaningo sazi ukuthi ayinuki ingosiwanga,” kusho uMogoeng.
Ugxeke iSunday Times ngokuchaza uMnuz Keletso Manyike owufakazi omqoka embikweni woMvikeli woMphakathi weSARS ngokuthi uyiRasta elibhema insangu.
“Ngisale ngizitshela ukuthi le ndoda ihlale idakiwe, akukho okuhle engakukhuluma ngoba sehlisiwe isithunzi sakhe. Ngiye ngazibuza ukuthi kungani belalele ubufakazi bale ndoda kodwa ngesikhathi sengiyibona ku-405 kuthelevishini ngiyibona ikhuluma into enomqondo.
Ize yasho ukuthi okubhalwe ngayo akusilo iqiniso yachaza konke okwenzekile. Angisho ukuthi wayekhuluma iqiniso,” kusho uMogoeng.
Uthe kwesinye isikhathi abezindaba nabahlaziyi batshela umphakathi izinto ezibeka abanye abantu kabi, zenze abanye babe msulwa.