AKUKHO ukunqanyulwa kukagesi okuhleliwe kodwa abantu kumele bahlale beqaphe izaziso ezizokhishwa uma kwenzeka isimo sishintsha.
Isitatimende esithunyelwe yinkampani kagesi i-Eskom ngempelasonto siveze ukuthi yize iziphehli zikagesi bezithwele kanzima kodwa abasebenzi bale nkampani benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi awucishwa ngale mpelasonto. Ngokwesitatimende kusetshenziswe ama-generator asetshenziswa uma kunezimo eziphuthumayo kodwa awazange athwale kanzima.
Izolo isitatimende sithe okubaluleke kakhulu wukuthi kumele kube namanzi enele emapayipini eziphehli ukuze kungabi nenkinga kuleli sonto.
“Isimo sisiqaphile, uma kukhona okushi-ntshayo eziphehlini okungaholela ekutheni kuphazamiseke ukuphakelwa komphakathi ngogesi, sizowazisa.”