BANGAPHEZULU kuka-1 200 abasebenzi bezempilo asebegomele iCovid-19 selokhu kwethulwe uhlelo lokugoma ngoLwesine eKZN.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala obethula umbiko wakamuva mayelana neCovid-19 kulesi sifundazwe izolo, uthe bonke abagomile ababanga nankinga ngemuva kokugonywa.
Uthe zehlile izibalo zabahaqwa yileli gciwane kulesi sifundazwe. NgoMgqibelo izibalo bezikhomba ukuthi bangu-313.
"Ukwehla kwezibalo akusho ukuthi sekumele sikhululeke. I-KZN iyisifundazwe sesibili esinezibalo eziphezulu zabahaqwa yileli gciwane ngosuku uma iqhathaniswa nezinye izifundazwe, kanti iyisifundazwe sesithathu esinabantu abaningi ababulawa yiCovid-19," kusho uZikalala.
Ugxeke ababhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kusetshenziswa abantu ukuhlola lo mgomo. IJohnson & Johnson ingaphansi kohlelo lokwenza ucwaningo, iSisonke Protocol, wathi le ndlela beyenzelwe ukuthi umgomo usheshe utholakale ube usetshenziswa kusalindwe ukuthi ugunywazwe kuleli.
"Lo mgomo awukabhaliswa ezweni osungulwe kuwo, i-United States, ngakho-ke isikhungo esigunyaza imithi sakuleli ngeke sikwazi ukuwubhalisa ungakabhaliswa ezweni lawo. Kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi kuphothulwe lolu hlelo. Umgomo siyawudinga ukuze sivikela abantu ngobuningi, kusetshenziswe le ndlela ukuze utholakale," kusho uZikalala.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe lesi sifundazwe sithole umgomo ongu-10 800. U-30% uzonikezwa umkhakha wezempilo ozimele kodwa kuzonikezwa abaseduze kwalapho lo mgomo ufikele khona.
"Kunodokotela abasuka kwezinye izifunda abazifikele esibhedlela eMshiyeni Memorial nase-Inkosi Albert Luthuli bethi bazogoma baphindela emuva bengagonyiwe. Ngesikhathi ufika umgomo akuchazwanga ukuthi u-30% uzonikezwa umkhakha wezempilo ozimele. Uma sesitsheliwe ngakusasa kube sekuchazwa ukuthi akube abaseduze nalapho umgomo ufikile khona ukuze kungaxoveki ukusatshalaliswa kwawo," kuchaza ungqongqoshe.