ITHIMBA elijutshwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuba lixazulule umbango wesihlalo sobukhosi, lizwe ukuthi akufanele kube nokudideka ekutheni ubani okufanele angene ezihlangwini zeSilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Leli thimba eliholwa owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, lihlangane nabahambisana nokuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, izolo.
Umhlangano obusesigodlweni kwaKhangelamankengane ubuhanjelwe uNdlunkulu weSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, uMayvis MaZungu, undunankulu kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana uPhilemon wakwaFihlinqindi, kanye nabanye abantwana basendlunkulu.
Kulo mhlangano uButhelezi uveze ukuthi akufanele engabe kukhona lo mdonsiswano ngesihlalo sobukhosi.
Yize incwadi yefa eyashiywa iNdlovukazi eyayibambe ubukhosi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, yaqoka iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuba angene esihlalweni sobukhosi, kepha kukhona abasendlunkulu abangahambisani nalokhu.
Abanye bafuna ukuba uMntwana uSimakade Zulu kube uyena ongena kulesi sihlalo.
Kepha uButhelezi utshele leli thimba ukuthi noma ngabe zazingekho izincwadi zamafa ezashiywa yiSilo esisanda kukhothama kanye neNdlovukazi esanda kuguqa, isihlalo sobukhosi sasivele sizowela eSilweni esamenyezelwa emva kokuguqa kweNdlovukazi.
“Kangicacise kusasuka-nje ukuthi ngisho noma bekuthiwa iSilo noMntanenkosi abashiyanga bebhale lezincwadi zokugcina bekuyovele kungaphumputhwa ukuthi iNkosana neNdlalifa yeSilo ngubani. Izwe lonke lakwaZulu liyakwazi ukuthi ngenkathi uMntanenkosi egana iSilo, iSilo sathuma mina njengoNdunankulu waso noZulu, ukwazisa isizwe ukuthi uMntanenkosi uMntaneNgwenyama uSobhuza II uzokwendela kuso, kufanele alotsholwe yisizwe.
“Nempela ngakwenza lokho, ngabika eMakhosini onke noZulu ukuthi iSilo sithi kasilobole uMntanenkosi. Savele sakuqonda lokho ukuthi kusho ukuthini, njengoba siwazi umthetho wethu womdabu, nesiko, ukuthi uma iNgonyama iqoka owesifazane kulabo abasendeleyo, sithi akalotsholwe yisizwe sisuke sitshela isizwe ukuthi sesizibophezele ukuthi lowo ngunina wesizwe, inkosikazi yaso, osekuyovela iNdlalifa eyiNkosana esiswini sayo.”
Kulo mhlangano uButhelezi uphinde wazwakalisa ukungenami ngokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal wahlangana nabaphikisa ukuqokwa kweSilo ngaphandle kokumazisa njengondunankulu kaZulu.
Lolu daba lomdonsiswano wesihlalo sobukhosi lwadluliselwa kumengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, kulandela ukubhuntsha kwemizamo kahulumeni waKwaZulu-Natal yokuxazulula lo mbango.
URamaphosa wabe esejuba uDkt Dlamini Zuma ukuba angenele kulolu daba, yena oqoke leli thimba eliholwa uMchunu.
Leli thimba bese livele selihlanganile nalabo abaphikisa ukuqokwa kweSilo.
ISilo besingekho kulo mhlangano njengoba kuvela ukuthi umhlangano ubizwe siseGoli kanti vele ithimba belivele liveze ukuthi kungaba ngcono iSilo singabikhona emhlanganweni ngoba uthinta umbango wesihlalo esihlezi kuso.