NKOSIKHONA CELE
KAYINAVALO ngophenyo iMeya yaseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngophenyo loMnyango wezokuBusa ngokubambisana KwaZulu-Natal olumayelana noR5 million okuthiwa usetshenziswe yilo mkhandlu ngesikhathi unomcimbi eThekwini ngeledlule.
UButhelezi ubekhuluma ngoLwesithathu oLundi kwethulwa uhlelo losizo lwama-medical aid akwaBonitas kubaholi bomdabu abangu-25 noluzodla umasipala uR436 000.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uveze ukuthi usejube ukuba kuphenywe ngezinsolo zokusetshenziswa kukaR5 million ngesikhathi kunomcimbi wesidlo sasekuseni sokuheha abatshali bemali eThekwini.
Ngalolu suku kwakunabantu baseZululand ababebhikishela izidingo abaqhamuka nezinsolo zokuthi umcimbi ubize uR5 million nokuholele ekutheni kuphenywe.
UHlomuka uthe uphenyo luzobheka ukuthi ngabe umkhandlu wakugunyaza yini ukusetshenziswa kwale mali nokunye okuthinta umcimbi. Uxwayise omasipala ukuthi umnyango wakhe ngeke unanaze ukuthatha izinyathelo uma kukhona okungahanjiswanga kahle. UButhelezi ephendula uthe: “Ngikhululekile, bangeza bezokwenza uphenyo lwabo kodwa iqiniso elimsulwa wukuthi kuloya mcimbi kwasetshenziswa imali enguR137 000 nje kuphela.”
UMnyango uthi ngeke bayiphikise imeya kulokhu ekushoyo kepha wuphenyo oluzoveza iqiniso. Mayelana nohlelo obelwethulwa uveze ukuthi kunabathile eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN abanganeme ngohlelo lokusizwa kwamakhosi. Uthe ekuseni bathole umyalezo obuvela kwesinye sezikhulu zalo mnyango sibasola ngokuthi abakwenzayo eZululand akwamukelekile. Uthe noma bangasolwa kodwa bayazigqaja ngokuhle abakwenzile.
Inkosi uMangosuthu Buthelezi, engundunankulu kaZulu, imethulele isigqoko uMeya uButhelezi ngalolu hlelo. Ithe kuyamthokozisa ukubona umuntu ocangcathwe nguyena ehamba ezinyathelwezi zakhe.“Mkhulu kakhulu lo msebenzi Shenge owenzile namhlanje. Noma bangakhuluma kodwa iqiniso wukuthi usebenzile kakhulu,’’ usho kanjena.
NoMntwana waKwaPhindangene akazange ayishalazele le eyophenyo lomnyango, wathi uyamangala ukuthi uphenyo luzobe lumayelana nani. Ukhale ngokuthi lokhu abasolwa ngakho kuzodicilela phansi isithunzi semeya.
Inkosi uThamsanqa Sibiya wesizwe saKwaSibiya, ibonge wanconcoza ngalolu hlelo.“Iqiniso lihle besiphansi kodwa nasicosha nasigeza, manje nathi sesizoke sibe ngabantu.”