UMCULI wegqom’ uBabes Wodumo ngeke abe khoba kwiGqom in Concert ngo-Ephreli 21 ngenxa 
yokuba
IMIZAMO yokuthi kube khona uBabes Wodumo emcimbini wokuqala, iGqom in Concert ozoba senxanxatheleni yezitolo iPavillion, eThekwini, ngo-Ephreli 21, seyifana nokuthela amanzi emhlane wedada.

Ngemuva kokukhishwa kwesikhangiso somcimbi, abantu abaningi bakhala ekhasini likaDJ Tira ongumhleli womcimbi befuna afake uBabes Wodumo njengoba engomunye wabagqamisa kakhulu lolu hlobo lomculo. UTira usamile ekutheni lo mculi ubiza imali abangeke bakwazi ukuyikhokha njengabahleli.

Ekhuluma neSolezwe uTira izolo uthe, kuze kube yimanje beyingakalungi indaba yokuthi uBabes abe semcimbini.

“Uma kuphela leli sonto ingalungile kusho ukuthi ngeke isalunga. Okwamanje inkulumo ayihlangani,” kusho uTira.

Okhulumela uBabes, uHlengiwe Mbambo, uthe bebethanda ukuthi uBabes aye emcimbini.

“UBabes nethimba lakhe ngebhadi bazobe bematasa ngaleyo mpelasonto. Saqinisekisa kwabanye abahleli bemicimbi ngesikhathi besiqasha ukuthi sizoba khona emcimbini yabo, abukho ubutha,” kusho uHlengiwe.

Uthe ithimba laseWest Ink lifisela uTira impumelelo futhi liyathemba ukuthi bazoba khona emcimbini wangonyaka ozayo. UTira akazange ayiphathe eyokuthi akazange amthole ngoba uqashwe kwenye indawo uBabes. UHlengiwe uthe ugxile kwezokuxhumana kuphela kwiWest Ink. Ebuzwa ukuthi uBabes ubiza malini uma umqasha, uthe kuncika ohlotsheni lomcimbi omqashela lona. “Ayifani ngokwamazinga, kukhona emikhulu nemincane, nenani lakhe lihambisana nalokho,” kuchaza uHlengiwe.

Kulo mcimbi kuzobe kunandisa iDistruction Boyz, Busiswa, Kwesta, Tipcee, DJ Sox, Okmalumkoolkat, Dladla Mshunqisi, Black Motion nabanye.

Amathikithi omcimbi atholakala eComputicket ngoR200 kanti iVIP nguR450.

“Siyakholwa wukuthi ithimba esinalo lizowenza umsebenzi futhi yingakho siqhubekile sawethula umcimbi (ngaphandle kukaBabes). Umcimbi futhi uzoshisa,” kusho uTira.

Khonamanjalo, ngoLwesithathu nangoLwesine ngesonto elizayo kuzoba nengqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo, iGqom Music Conference. Ingqungquthela ihlelwe yiDurban’s Finest, uTira noDJ Sox.

Ingqungquthela izobe iseMoses Mabhida Stadium ngo-8 ekuseni kuze kube wu-4 ntambama. Kungenwa mahhala.

Esitatimendeni kuvele ukuthi kuzobe kukhulunywa ngokudidiyela, ukusabalalisa umculo, ukunandisa nokunye.

Izikhulumi zihlanganisa iDurban’s Finest, Rude Boyz, Distruction Boyz, DJ Lag, Zakes Bantwini nabanye.