Izindaba

Akubona bonke ososeshini bamatekisi abatelekile: Mkhwanazi

Nhlakanipho Mnqayi|Published

UKHOMISHANA wamaPhoyisa, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi Isithombe: SITHUNYELWE

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe abantu abangakhathazwa isiteleka samatekisi ahamba amabanga amade ngoba asibandakanyi abanye ososeshini.

UMkhwanazi usho kanje ngesikhathi kunesivimbamgwaqo eMariannhill Toll Plaza, izolo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzisa imigwaqo yaKwaZulu-Natal baphephile.

Ekhuluma nabezindaba, uthe isiteleka sabamatekisi ahamba amabanga amade esiqhubekayo kasikho emthethweni.

“Lesi siteleka asikho emthethweni futhi iningi lososeshini bamatekisi abavumelani naso. Kunedlanzana labantu elithanda ukuhlupha, bamise amaloli nezimoto bavimbe umgwaqo,” kusho uLt Mkhwanazi.

Uthe izikhulu zamatekisi ezingazilandile izimvume alizilande.

“Izikhulu zamatekisi ezinezimvume ezihleli emnyangweni kumele zenze isiqiniseko sokuthi ziyazilanda. Sebengaxoxa ngezinye zezicelo abanazo kanye nalezo abanganeme ngazo,” usho kanje.

Uthe bonke laba abavimba imigwaqo bazoboshwa.

“Wonke umuntu ozophula umthetho sizombopha, ngeke simhlawulise. Abantu kumele besebenzise izithuthi zomphakathi ngokukhululeka futhi behambe nanoma yikhuphi lapho abafuna ukuhamba khona ngoba iningi lososeshini aliyona ingxenye yesiteleka,” ubeke kanje.

Kusasa kulindeleke ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli noMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, behlangane nezikhulu zamatekisi eMgungundlovu, eCity Hall, ukuzobhunga ngenhloso yokuphuma nesixazululo njengoba sekuphele izinsuku amatekisi ahamba amabanga amade etelekile.