NGESIKHATHI ibambe isithangami nabezindaba izolo eThekwini, i-SACP KwaZulu-Natal, ithe akuzange kuyimangaze ukuhlulwa kwe-ANC kwiningi lomasipala bakulesi sifundazwe.
I-ANC ilahlekelwe yinqwaba yomasipala okhethweni lwakamumva lohulumeni basekhaya. Iningi lalabo masipala, okubalwa kubo uMhlathuze noMvoti, lithathwe yi-IFP.
Ubuholi beSACP esifundazweni, buthi bekuvele kulindelekile ukuthi i-ANC ingenzi kahle okhethweni.
UNobhala weSACP KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, uthe okuholele ekutheni i-ANC ingenzi kahle okhethweni wukungenzi kahle komasipala abaphethwe yile nhlangano.
UMthembu uthe iningi lomasipala abebephethwe yi-ANC belihluleka ukuhambisa izidingo kubantu.
“Bahluleka ukuletha izidingo ezibalulekile ezifana namanzi, ugesi onganqamuki njalo, ukuqoqwa kukadoti nokulungiswa kwamapayipi endle avuzayo.
“Imiphakathi ayinakiwe. Kunegebe elikhulu phakathi kwabaholi nemiphakathi. Abaholi bazithwele,” kusho yena.
UMthembu ukhale nangenkohlakalo athe idla lubi komasipala. Uphinde wakhala nangezimpi zangaphakathi kwi-ANC athe zenza ukuthi abantu bangabe besayivotela inhlangano.
“Kwezinye izindawo bahlulekile ukusukumela izikhalazo zabasebenzi lapho khona omasipala bexoshe inqwaba yabo. Ngakho-ke bezivele zikhona izinkomba zokuthi i-ANC angeke yenze kahle kulolu khetho.”
UMthembu uphinde wakhala ngokubhuntsha kwesivumelwano se-ANC ne-IFP ngokuphathwa komasipala baKwaZulu-Natal, okungekho qembu elinqobe ngamalengiso kubo.
La maqembu abenesivumelwano sokuthi iqembu okuyilo elithole izihlalo eziningi kulabo masipala, yilo elizodedelwa ukuba liphathe loyo masipala yize lingenazo izihlalo ezanele ukuba libuse ngokuzimela.
Kepha lesi sivumelwano sibuye sabhuntsha kulandela ukusolana kwala maqembu ngokudlana izithende.
Lesi simo sesidale ukuba ahlwithane omasipala, esebenzisana namaqembu amancane.
UMthembu uthe lesi simo sizophazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.