AZIFAKE obishini amaphoyisa amashele indaba yezikhundla eThekwini ngoLwesibili njengoba amathathu kuwo ekhonjwe indlela, kanti angaphezu kuka-40, wona azothathelwa izinyathelo.
Lokhu kuqinisekiswe ngokhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, izolo.
UNaidoo uthe uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLt General Khehla Sitole, usamukele isinqumo esithathwe ngamaphoyisa angenele umbhikisho ongekho emthethweni.
“Leli qulu lamaphoyisa kusolakala ukuthi limashile emigwaqweni yaseThekwini laze layofika ekomkhulu lamaphoyisa ebhilidini eServamus emgwaqweni uBram Fischer, lapho lifike laphoqa ukuthi libonane noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuze limnike uhlu lwezikhalo zalo. Izingxoxo zeziphathimandla zamaphoyisa zidonse ubusuku bonke kwaze kwaba u-2 entathakusa,” kusho uNaidoo.
FUNDA:
Uthe amaphoyisa abikeliwe ukuthi ngakwenzile aphule umthetho nokuthi azothathelwa izinyathelo ngezenzo zawo.
UNaidoo uthe lawo maphoyisa azobekwa amacala okuhlangana abeyiqulu emphakathini nokuphula imigomo kaMasipala.
“Ngemuva kwezingxoxo amaphoyisa amathathu akhonjwe indlela, angu-21 azoqondiswa ubugwegwe kuthi angu-20 wona aqondiswe ubugwegwe eziteshini zawo,” kusho uNaidoo.
Uthe ukuxoshwa kwamaphoyisa amathathu kwenza abe ngu-11, amaphoyisa asexoshiwe uma kuhlanganiswa nalawo ayisishiyagalombili abesebenza esiteshini iCambridge, e-Eastern Cape nawo angenela isiteleka esingavikelekile,” kusho uNaidoo.
Uthe uSitole ukwamukele ukungenelela kukaKhomishana wesifundazwe kulolu daba.
“Ngeke size sikuvumele ukuthi amalungu ethu abambe umbutho wamaphoyisa nomphakathi ngobhongwane ngokuthi angenele imibhikisho engekho emthethweni,” kusho uNaidoo.
Uthe banazo izinhlaka zokufaka izikhalo kumalungu abo uma kukhona angeneme ngakho.
UNaidoo uthe njengoba kuyiwa okhethweni bazobiza amaphoyisa avolontiyayo angu-5 000, nalawo asaqeqeshwa nawo angu-5 000, ukuba azolekelela.