ASIKUGQIZI qakala ukugxwekwa kwaso ngokuphumela obala ngokuba yilungu le-EFF, isihlabani somculo we-Afro soul, uRingo Madlingozi.
Usho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto.
Kusuka emasontweni ambalwa edlule uRingo ufaka izithombe zakhe egqoke imifaniswano ye-EFF emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.
Abalandeli bakhe bahlukene phakathi njengoba kunabamesekayo abanye bamgxeka ngokuthi udideke esemdala.
Uthe akazisoli neze ngokujoyina i-EFF ngakho abakhulumayo bayoze bayeke.
Abantu abagxeka umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe abayeke ukumbambela igqubu ngezinto azenza kudala kodwa ababheke umsebenzi wakhe wakamuva.
Ufanekise ngokuthi ngisho eBhayibhelini abantu bayazalwa kabusha.
Uveze ukuthi i-EFF uyizwa ngaphakathi ngoba ibeka phambili umuntu omnyama okuyinto akhule engayazi.
“Kusuka ngimncane umuntu omnyama ubehlezi ebekwa emuva. Ngithanda imanifesto yayo i-EFF. Ngiyahambisana nesiphakamiso sayo sokuthi umhlaba ubuyiselwe ezandleni zethu, thina bantu abamnyama. Lokhu kukhuthaza abantu abamnyama ukuthi bacabangele ikusasa labo,” kusho uRingo.
Uthe abantu abamgxekayo akanendaba nabo ngoba yena akaliboni iphutha ngokukhathalela ukuthuthukiswa kwempilo yabantu abamnyama.
“Abantu abangixekayo kungenzeka ukuthi lapho besebenza khona bayahlonishwa. Baphethwe ngokulingana nezinye izinhlanga abasebenza nazo. Ababazi ubunzima bokubukelwa phansi ngenxa yebala labo, ngakho ngeke baqonde ukuthi kungani ngijoyine i-EFF,” kusho uRingo.
Ukubeke kwacaca ukuthi akabheke nzuzo noma isikhundla kuleli qembu.
Uthe yena ungumculi okuyinto osekunesikhathi eside eziphilisa ngayo.
Ebuzwa ngokuthi ukujoyina i-EFF akumdalelanga yini amazinyo abushelelezi nabahleli bemicimbi uthe: "Lutho, abantu bayangithanda, bathanda nokuthi ngicula izingoma zothando.
“Umsebenzi usaqhubeka njengokujwayelekile. Angizisoli neze ngokujoyina leli qembu. Uma ngingazisola ngizobe ngisola ubumina. Ngingumuntu onothando, othanda nokubona abantu bakithi bephumelela,” kusho uRingo.
Uthe into angazisola ngayo ukunikezwa imali ngokungemthetho ngokweseka abathile.