UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, uthi usazimisele ukuqhubeka esikhundleni sakhe
Image: Facebook
UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, olengelwa yizembe, uNksz Mbali Shinga, akaziboni eshiya esikhundleni.
UNksz Shinga uthe usazimisele ngokuqhubeka nomsebenzi wakhe yize iqembu lakhe, iNFP, selithathe isinqumo sokumkhipha esikhundleni.
I-NFP iyalele uNksz Shinga ukuba esule njengelungu lesiShayamthetho, uma egcina esulile uzophunyukwa isikhundla sokuba umphathiswa.
I-NFP ithathe isinqumo sokushintsha uhlu lwamalungu ayo esiShayamthetho, yabeka phezulu igama likamengameli wayo, uMnuz Ivan Barnes.
Leli qembu linesihlalo esisodwa esiShayamthetho.
UNksz Shinga uphinde abe usihlalo weNFP KwaZulu-Natal.
Esitatimendini, uNksz Shinga uthe uzinikele emsebenzini aqokelwa kuwona ngonyaka odlule.
"Ngiyaqhubeka esikhundleni sokuba umphathiswa kanye nesokuba ilungu lesiShayamthetho futhi ngizibophezele ekusebenzeleni abantu baKwaZulu-Natal. Ngizinikele ukwenza umsebenzi engaqokelwa kuwo undunankulu yize noma kukhona izindaba zokuthi iqembu lami lingihoxisile esikhundleni. Ngizoqhubeka nokusebenzela abantu baKwaZulu-Natal ngokuzimisela nokuthembeka."
Izindaba zokuhoxiswa kukaNksz Shinga, sezidale ungabazane ngohulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
Kepha uNksz Shinga uveze ukuthi iNFP isazoqhubeka nokuba ingxenye kahulumeni ophethe isifundazwe lapho ibambisene khona ne-IFP, ANC neDA.
"Sizimisele ukufeza izethembiso esazenza ebantwini baKwaZulu-Natal. Lokhu sizokwenza ngokubambisana kanye namanye amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana."
UNksz Shinga uthe kusukela angena kulesi sikhundla ngonyaka owedlule, kuningi akwenzile ukuthuthukisa impilo yabantu baKwaZulu-Natal.
"Emsebenzini engiwenzile bengigxile kakhulu ekuthuthukiseni abahlwempu. Njengamanje ngiphezu komkhankaso wokushintsha indlela umnyango owenza ngayo izinto. Ngifuna ukuthi umnyango ugxile kakhulu ekuthuthukiseni abantu abahlwempu ukuze bezokwazi ukuzimela. Akufanele umnyango ugcine ngokubanika usizo lwesikhashana. Njengomnyango sinezinhlelo ezinqala zokuthuthukisa abantu baKwaZulu-Natal."
Ihhovisi likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, likuqinisekisile ukuthi liyitholile incwadi ehoxisa uNksz Shinga, lathi lisayicubungula.
Akusiyena uNksz Shinga yedwa olengelwa yizembe kwiNFP njengoba iqembu lifuna ukukhipha ezikhundleni nezimeya zalo ezimbili.
I-NFP iyalele iMeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mshangane Ndabandaba, neMeya kaMasipala waseDumbe, uMnuz Sibusiso Mkhabela, ukuba bashiye ezikhundleni.
Izimpi zangaphakathi azizintsha kwiNFP njengoba zaqala emva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi eyayingo-2018.
Ubuholi obakhethwa kule ngqungquthela bagcina buchithiwe emva kwesinqumo senkantolo.
Related Topics: