IPHINI lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, likufanisa nokulobizela into ongeke uyinuke ukufunwa kwalo ngamaqembu e-Absa Premiership.
UMokwena ushaye into ecokeme kwiPirates nomqeqeshi uMilutin Sredojevic waseSerbia okhuze ibuya kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018. UMokwena udele ukunethezeka kokusebenza nomakadebona uPitso “Jingles” Mosimane noManqoba Mngqithi kwiMamelodi Sundowns, wayosebenza eqenjini elalidlalelwa wumkhulu wakhe, uScara Sono, noyise uJulius.
Kule sizini baningi abaqeqeshi abathe uMokwena unekusasa eliqhakazile futhi kufanele anakekelwe kahle. Kulaba baqeqeshi kukhona uSteve Komphela noStuart Baxter oqeqesha iBafana Bafana.
Ngesonto eledlule kusabalale imibiko yokuthi uMokwena ugaqelwe ngamaqembu athungatha abaqeqeshi - iSuperSport United nePolokwane City. Uyiphendule ihlaya indaba yokufunwa kwakhe yila maqembu. Ubezokwamukela umklomelo ka-Augustine Mulenga wegoli elivelele lika-Ephreli, emcimbini obukade usemahhovisi ePremier Soccer League (PSL) izolo.
“Nami ngiyafuna ukushayela iLamborghini kodwa angikwazi ukuyithenga noma ayitholakali. Kwesinye isikhathi kunezinto esizifunayo kodwa ngebhadi asikwazi ukuzithola. Ngikhumbula ngisaya ukuyothenga nomama. Ngangijwayele ukucela izinto ezithize. Uma ucela izinto ezingayilungele impilo yakho, wayekushaya isandla, athi linda ngoba lezi zinto akuzona ezakho,” kusho uMokwena.
“Kunezinto ezithize empilweni, lesi yisifundo sempilo. Kunezinto ezithize empilweni esingathanda ukuba nazo, izipho ezithize esingathanda ukuzithola kodwa ngebhandi asikwazi ukuzithenga noma azitholakali noma azikho. Angifuni ukukhuluma ngamahlebezi ngoba kuzowabhebhezela. Angazi lutho ngalezi zinkulumo, ngizifundile nje. Engikwaziyo wukuthi ngijabule kakhulu kwiPirates futhi ngibheke ikusasa nayo.”
IPirates isule izinyembezi zabalandeli iqeda endaweni yesibili kwi-log yePremiership emuva kompetha iSundowns. Ngalokhu izibekisele indawo kwiCAF Champions League ebikade ivele iyiphupho likaSredojevic. KwiCAF Confederation Cup iNingizimu Afrika izomelwa yiKaizer Chiefs eqede endaweni yesithathu kwi-log, neFree State Stars engompetha beNedbank Cup.
“IPirates iyiqembu elikhulu e-Afrika. Ukubuyela khona akukhona ukuhlabana, akuyona into engakaze yenzeke. Ngeke sibhiyoze ngalokho, yinto okufanele yenzeke. Sikwazile ukubuyisela iqembu khona, yindawo lapho iPirates okufanele ihlale khona. Kodwa futhi yindawo iPirates eyijwayele. Sizokwenza konke okusemandleni ukuzibamba ziqine, sihlale khona ngoba yilokho okubalulekile. Amaqembu amakhulu kufanele adlale namanye amakhulu, yilokho esizokwenza.”