ANC secretary general Gwede Mantashe delivered a draft organisational report at the special NEC meeting. Picture: Noni Mokati


I-ANC iyichithile imibiko ethi isigungu esiphezulu sayo sibambe umhlangano ophuthumayo e-Irene eGoli izolo ngoba sifuna ukudingida indaba yokuxosha uNobhala-jikelele wenhlangano, uMnuz Gwede Mantashe.
Kuna mahlebezi athi uKhongolose uhlela ukukhomba indlela uMantashe ngoba umsola ngokuchema nohlangothi lwePhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba kuyiwa engqungqutheleni kaDisemba.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba izolo, uMkhulumeli we-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa uthe uKhongolose uyawachitha njenge mbudane amahlebezi athi umbutho uhlela ukuxosha uMantashe.
UKodwa uthe umhlangano obanjwe isigungu esiphezulu awukho mayelana nekusasa likaMantashe.
"Ngenxa yobucayi balamahlebezi i-ANC ithathe isinqumo sokuthi iphumele obala icacise ukuthi umhlangano ewubambile awukho mayelana noMantashe," kusho uKodwa.
Uthe abantu ababhebhethekisa lama hlebezi bahlose ukudala uqhekeko embuthweni kaKhongolose. UKodwa uthe linhlosongqangi yokuhlangana kwesigungu esiphezulu ngale mpelasonto esiphuma kuyona bekuwukudingida izindaba ezithinta ingqunguthela yokukhetha ubuholi ngoDisemba. "Okunye ukudingida ngezindaba ezithinta amagatsha alenhlangano kwazise kumele kuphele isonto elizayo zibe sezaziwa ezithunywa ezizowamela ngoDisemba 16 kuya ku 20, izifundazwe ezibhekene nezinkinga njengesaseKZN, Easrtern  Cape, Northern Province neFree State,  nokunye kodwa hhayi uMantashe,"kubeka uKodwa