OSOMATEKISI bakusoseshini iKlipriver, eMnambithi, bafuna uNgqongqoshe wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, abamsola ngokuchema embonini yamatekisi, akhonjwe indlela.
Esithangamini nabezindaba eThekwini ngoLwesithathu, uSihlalo kasoseshini waseKlipriver, uMnuz Bhekuyise Masondo, uthe abasabethembi ubuholi bukaKaunda, wengeza ngokuthi ucheme nezimbangi zabo iSizwe Transport yaseGoli.
“Sinxusa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ukuba aphenye ngezinsolo esinazo ezithi uKaunda uchemile kodwa esikufuna kakhulu wukuthi ashenxe ngoba sekucacile ukuthi umsebenzi uyamehlula,” kusho uMasondo.
Uthe umnyango awumfuni umuntu oyigwala futhi okhohlakele.
“Sambuza uKaunda ukuthi yena unjani wathi akagwazelwa kodwa akazange acacise uma simbuza ukuthi akasilo yini igwala,” kusho uMasondo.
Umkhulumeli weKlipriver, uMnuz Mfanafuthi Ndawo, uthe sekuyazwela manje ngemuva kokuthi uKaunda ebamisele izimoto.
Ungqongqoshe uqale ukumisa izimoto zethu ngoDisemba ngonyaka odlule, wathi uzimisa izinyanga eziyisithupha. NgoJuni uphinde wathi uyaqhubeka nokuzimisa futhi ezinye izinyanga eziyisithupha, okusho ukuthi izimoto zethu zizoma unyaka wonke,” kusho uNdawo.
Uthe ezinye izimoto ezikhokhayo sezidliwe ngenxa yokungasebenzi.
“Sithwele kanzima izingane zethu kulo nyaka azizange ziye emanyuvesi ngoba izimoto zethu azisebenzi. Kuyacaca ukuthi nangonyaka ozayo ngeke zifunde,” kusho uNdawo.
Uthe isizathu esenza ukuthi basole uKaunda ngokuchema wukuthi uvale imizila yabo kuphela hhayi eyezimbangi zabo.
“Thina sibanga umzila neSizwe Transpot kuphela kodwa asisakwazi ukuhambela amanye amadolobha esingenankinga nawo,” kusho uNdawo.
Lolu daba lweKlipriver neSizwe seluze lwangenelwa ngisho yizinhlangano zamabandla neqembu elisha lezombusazwe eligxike ekuxazululeni izinkinga zaboHlanga, iNational People Ambassadors (NPA).
UNobhala-jikelele weNPA, uDkt Andile Hlatshwayo, uthe sebebhalele uNdunankulu, uMnuz Willies Mchunu, bemcela ukuba akhiphe uKaunda esikhundleni.
“Sikholwa wukuthi ukuba uKaunda uwenza kahle umsebenzi wakhe ngabe abazange bashone abantu abawu-11, okukhona kubo nothisha, ngesikhathi kudutshulwa iPhini likaSihlalo weKlipriver,” kusho uHlatshwayo.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uphikile ukuthi uKaunda uchemile embonini yamatekisi.
“Ungqongqoshe akasebenzi ngokuchema futhi akanatekisi. Konke esikwenzayo sikwenza silandela umthetho,” kusho uNcalane.
Uthe isizathu esenza ukuthi baqhubeke nokuvala imizila wukuthi ososeshinini ababangayo banqaba ukusayina isivumelwano sokusebenzisana.
“Labo abakhala ngongqongqoshe bazifunela udumo isidingo singekho,” kusho uNcalane.